Ungqongqoshe weMfundo eyisisekelo uSiviwe Gwarube
Image: GCIS
IDLE ugwayi ezikoleni ezinyusa isibalo sabafundi ukuze zithole imali ethe xaxa okuhlanganisa nezinsiza kanjalo nothisha njengoba kulindeleke ukuthi luphothulwe maduzane uhlelo lokubheka abasebenzi abayizipoki eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo.
Lolu hlelo alugcini kuphela ngothisha kodwa luzofaka nabafundi.
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, uthe kunezikole ezinyusa izibalo zabafundi ukuze zithole imali ethe xaxa.
Ngokuba nesibalo esiphezulu sabafundi, uthola nesibalo esithe xaxa sothisha, kwengezwa nezinsiza kufundisa ezifana nezincwadi ne-stationery, kanjalo nasohlelweni lokudla kulethwa okuthe xaxa.
"Siyazi ngezikole ezenza lo mkhuba ukuze zithole imali eyengeziwe. Uhlelo lokuhlola abasebenzi nabafundi abayizipoki, luzosisiza kakhulu emnyangweni ukuthi songe imali. Sinenkinga yemali cishe kuzona zonke izifundazwe kodwa KwaZulu-Natal, yibona abashayeke kakhulu," usho kanje ekhuluma emhlanganweni wasePhalamende.
Uhlelo lokuhlola izipoki lwenziwa umkhandlu i-Education Labour Relations Council, ukusiza kwehliswe isabelomali kwezemfundo.
Amalungu ePhalamende akhale ngokuthi kwezinye izikole othisha abangeni emakilasini kodwa bekhona ezikoleni. Akhale nangokuthi abanye uthola ukuthi abasayi ezikoleni ngoba belinde ukuthi bahlinzekwe ngempesheni yokugula.
Umqondisi jikelele emnyangweni, uMnuz Mathanzima Mweli, uvumile ukuthi abanye othisha abafundisi ekubeni bekhona esikoleni.
"Abayi emakilasini ekubeni kodwa bekhona ezikoleni. Abanye uhlangana nabo bakukhalele ngokuthi umuntu uhleli ekhaya iminyaka elinde ukuthi anikwe impesheni yokugula. Le ndaba yalolu phenyo ngezipoki izosisiza kakhulu kule nkinga ngoba sizobazi abakhona nabangekho," usho kanje.
Uthe kulula ukuthi kube nezipoki zothisha ngoba babalelwa ku-460 000 kuleli.
"Basithembise ukuthi lolu hlelo lwezipoki luzophothulwa maduzane. Izikole eziningi sezilulethile ulwazi oluthinta abasebenzi, kanti sizochaza ePhalamende ngesikutholile," kusho uMweli.
UMcwaningi Mabhuku Jikelele uke wayiveza eyokuthi kumele kwenziwe ucwaningo ngezipoki emnyangweni.
UDkt Reginah Mhaule, iPhini likaNgqongqoshe kwezeMfundo, ukhale ngokuthi usufana nento ewile, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngenxa yenkinga yemali.
Uthe uma ngase kuwe bhu izinto eKZN kungabheda isimo kuzwelonke ngoba yiwona mnyango onesibalo esiphezulu sabafundi.
"Kubalulekile ukuthi kulungiswe isimo eKZN, kwenziwe nocwaningo lwezipoki ukuze kongeke imali. Sibi kakhulu isimo sezezimali eKZN, yingakho kwaze kwayiwa kulesi sifundazwe ukuzozanywa izixazululo," usho kanje.
Related Topics: