Amaphoyisa
Image: Leon Lestrade / Independent Newspapers
INTATHELI YESOLEZWE
KUVELA okushaqisayo ngezibalo zokuzibulala kwamaphoyisa eNingizimu Afrika, njengoba ezocwaningo lwakamuva, zithi masonto wonke kunephoyisa elizibulalayo okuyingwadla okungakhulunywa ngayo.
Ochwepheshe baxwayisa ngokuthi inkinga yezempilo yengqondo emaphoyiseni, kwabezimo eziphuthumayo, kubahlengikazi begumbi lezimo eziphuthumayo, odokotela nezicishamlilo, isifinyelele esimweni sokufaniswa “nebhomu elingaqhuma noma yinini”.
Laba ngabantu abahlenga impilo yabanye kepha abangakwazi ukuvikela eyabo - bayazibulala noma bacwile otshwaleni.
“Lesi yisimo esisobala kodwa esishalazelwayo,” kusho uDkt Alicia Porter oyilungu lebhodi yeSouth African Society of Psychiatrists.
Uthe abasebenzi abasekhaleni lokubhekana nobugebengu, udlame lwasekhaya, izingozi zomgwaqo ezinkulu, izimo eziphuthumayo zezempilo nezinhlekelele zemvelo, basengozini yokhwantalala, ukudangala nokuzibulala.
"Inkinga ukuthi bangase babe nezimo zempilo yengqondo ezazivele zikhona ngaphambili kodwa uhlobo lomsebenzi luhluke kakhulu ngoba indawo abasebenzela kuyo ibachaya ezingozini eziphindaphindiwe. Iphinde ibabeke ezimweni ezicindezela ingqondo kakhulu neziyingozi kubona.
“Ukuzibulala kwabantu yinto ekhona. Ngicabanga ukuthi kuyefana nesifo sikashukela okanye somfutho wegazi ophezulu. Umehluko wukuthi siyakhuluma ngalezi ezinye izifo kepha kasisho lutho ngenkinga yokuzibulala.”
Uthe ukwesekwa kwezempilo yengqondo kufanele kwenziwe into ehlale iyisidingo kunokuba kuhlinzekwe ngezikhathi zobunzima kuphela. Uqhube ngokuthi kufanele abasebenza imisebenzi ebucayi bakwenze umkhuba wabo ukuhlale becela ukubhekwa izimo zengqondo.
“Siyaya njalo kodokotela siyohlola ezinye izimo zempilo, pho kungani singazihloli isimo sengqondo?”
Wengeze ngokuthi kufanele izimenenja nabanye ababhekele inhlalonhle yabasebenzi baqeqeshelwe ukukwazi ukubona ngokushesha nxa abasebenzi benezingqinamba, ukuze kuphuthunyiswe usizo ngale kokunanaza.
Uthe izibalo zakamuva zikhomba ukuthi amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo abangu-47.3% banezimo ezithile zengqondo ezihambelana nokhwantalala nengcindezi.
Kuvele ukuthi u-30% wabezimo eziphuthumayo eWestern Cape, uhlukumezekile ngenxa yezimo obhekane nazo emsebenzini.
Unyaka nonyaka, ukuzibulala kwamaphoyisa kuyadlonga; iningi lizibulala ngezibhamu zomsebenzi. Esigamekweni sakamuva, uSergeant oneminyaka engu-53 waseRiba Cross eBurgersfort, okusolwa ukuthi uyingxenye yophiko lokuvikela umengameli ePitoli, ubulale uzakwabo wesifazane walimaza umkakhe, ngaphambi kokuba abhekise isibhamu kuye, azibulale.
Ngo-Agasti nyakenye, iphoyisa elabandakanyeka esigamekweni sokushayisa umuntu ngemoto libaleke ePhoenix, laphetha ngokuzibulala. NgoJuni 2023, okungenani amaphoyisa angu-10 azibulala, okuhlanganisa no-constable ovela ophikweni iFlying eMthatha.
Ngo-2022, iphoyisa lasechwebeni laseThekwini, lasebenzisa isibhamu salo ukubulala isoka lalo, maqede lazinikela.
UMnuz Mpho Mpogeng owezimo eziphuthumayo aphinde abe ngumengameli weSouth African Emergency Personnel Union, uthe emkhakheni wabo babhekana nezimo ezishaqisayo bese bezinikela otshwaleni.
“Asinabo abantu abaningi abazibulalayo kodwa abezimo eziphuthumayo abayisishiyagalolunye kwabangu-10 baphuza utshwala ezindaweni zabo futhi abanye baya ngisho nasemsebenzini beqhafile” usho kanje.
Uqhube kanje: "Uthola ukwelulekwa ngokwengqondo kodwa lingakapheli isonto uhlangabezana nesinye isimo sizokubuyisela emuva ekucindezelekeni komqondo. Ugcina ungalali futhi sonke siyazi ukuthi ukungalali kungaholela kalula kanjani ekutheni ube nomkhwantalala."
UNkk Theresa Geldenhuys ongumengameli weSouthern African Emergency Services Institute, oseneminyaka engu-34 eyisicishamlilo, uthe njengabezimo eziphuthumayo, izicishamlilo eziningi ziphendukela otshwaleni njengendlela yokubhekana nengcindezi.
"Uma uphuma ekhaya ekuseni, uyavalelisa, ungazi noma uzobuya usaphila yini."
Uthe izicishamlilo zibhekana nezimo abanye abazibalekelayo - abantu abashe ngendlela enyantisa igazi, zihlenge abavaleleke emalangabini omlilo ezakhiweni noma ezimotweni.
Inhlangano iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag) ibika ukuthi wenyukile umthamo wezingcingo zabafuna usizo lokululekwa ngokwengqondo. Kuthiwa iningi liyazifihla.
NgokweSadag, izinselelo zempilo yengqondo ezingalashwa azigcini nje ngokulimaza ezibakhungethe kodwa futhi zithinta ikhono labo lokusebenzela nokuvikela abanye.
UNksz Megan Gonsalves oyimenenja eNetcare Akeso's 24-hour Crisis Line, uthe ukucwaswa kwabanezinselelo zezimo zengqondo kusalokhu kuyisithiyo esikhulu ekufuneni usizo.
“Inselelo enkulu yisihlava esihambelana nendlela okubukwa ngayo abantu abanezinselelo zezimo zengqondo okwenza abantu bangaphumi ngobuningi ukuyofuna usizo nxa benezinkinga okuphetha ngokuthi kwenzeke into ezingezinhle njengokuzibulala.”