UMCULI kamaskandi, uMahostela97, ephahlwe wudadewabo uNksz Samukelisiwe Ngidi nonina uNksz Bonisiwe Manzi, bemhlalalisela ethweswa iziqu zobuthishela e-Unisa kuleli sonto
Image: L.I.D MEDIA
UKUQONDA ubunzima besimo akhule kuso sakubo nokushisekela ukuthi ngelinye ilanga sibe ngcono kakhulu kunakhule siyikhona, yizona zinto ezikhuthaze umculi kamaskandi uMahostela97 ukuqinisa futhi wabekezela emfundweni, waze wathola iziqu zobuthishela.
UMahostela97 (28) wodumo lwengoma ethi Ngikheth' Utshwala, ayishaya noShenge waseHlalankosi, ungesinye sezitshudeni ezithweswe iziqu e-University of South Africa (Unisa) kuleli sonto, emva kweminyaka eyisikhombisa ecijwa khona.
Engxoxweni neSolezwe ngalokho, lo mculi odabuka eMatholamnyama, eNdwedwe, ogama lakhe lokuzalwa wuSiphesihle Thobelani Busani, uthe lokho kusho lukhulu kuyena njengoba kusukela esasemncane impilo yakhe ibingelula neze, okuphoqe ukuthi abekezele nalapho kubonakala sengathi izinto ziyabhimba kuphela empilweni yakhe.
UMCUlI kamaskandi uMahostela97 uthweswe iziqu zobuthishela e-Unisa kuleli sonto
Image: L.I.D MEDIA
"Ngiqede u-matric wami ngo-2016, ePhuzulwani Secondary ngangakwazi ukuqhubeka nemfundo ezingeni eliphakeme ngenxa yokungalutholi usizo lweNSFAS, okuthe sekulunga ngo-2018, ngaqala ngokwenza isitifiketi sami sokwendlalela izifundo zobuthishela, ngenzela ukuthi uma sengifundile ngibe wusizo ekhaya njengoba kuyimi omdala ezinganeni zikamama.
"Yilokho futhi okwenze ukuthi ngawo u-2018, nganquma ukuthatha imadlana enganginayo ngayocijelwa ngayo ukuba wunogada ngoba ngenzela ukuthi ngishebe isikole nomsebenzi ukusiza ukuthi ngibe wusizo ekhaya futhi ngikwazi ukuzenzela ezinye izinto, ngingahlale ngicela yonke into ekubeni kube kubhekwe mina kokuningi," kulanda uMahostela97.
UMCULI kamaskandi uMahostela97 uthweswe iziqu zobuthishela e-Unisa kuleli sonto
Image: L.I.D MEDIA
Eqhuba, uthe kube nzima sekumele aqede izifundo zakhe ngo-2022, ngenxa yokuthi yilapho eqale khona ukungenisa ngomculo, okwenze ukuthi waphazamiseka kancane ezifundweni zakhe njengoba futhi ebebhekwe wumsebenzi wansuku zonke wokuba wunogada, asakwenza namanje.
"Lokho kwenza ukuthi ngangakwazi ukuphothula izifundo zami ngesikhathi esifanele, yingakho ngize ngigcina ngiphothula izifundo zami manje, emva kweminyaka eyisikhombisa ngaqala ukufunda e-Unisa. Nokho kungijabulisile ukuthi ekugcineni ngakufeza lokho engangizibekele khona, engithemba ukuthi kuzovula eminye iminyango yezinto ezinhle kubhekwe phambili, ngikwazi ukushintsha isimo sasekhaya," kusho uMahostela97.
UMCULI kamaskandi uMahostela97 ehamba nonina, uNksz Bonisiwe Manzi, obezomhalalisela ethweswa iziqu zobuthishela e-Unisa kuleli sonto
Image: L.I.D MEDIA