ISIKHULU esiphezulu esibambile eKZN Tourism & Film Authority uMnuz Sibusiso Gumbi
Image: SITHUNYELWE
KUBHEKWE ukuthi imboni yezamafilimu KwaZulu-Natal ingene ebalazweni lomhlaba njengoba uphiko lwezamafilimu nezokuvakasha esifundazweni iKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority selwethule isikhathi sokuqhakambisa amafilimu avutshelwe eKZN, nokuzothatha izinyanga ezimbili ukuwaqhakambisa, ukugqamisa nokuveza izindaba ezixoxwe kulesi sifundazwe.
Kulo nyaka lolu hlelo lwesekwe ngemali engaphezu kuka-R2.5 million wokulumaketha, ukulugqamisa nokuluxhasa ukuze lube yimpumelelo kusukela kule nyanga kuze kuyophela inyanga ezayo, lapho okuzobe kugqanyiswe khona amafilimu avutshelwe eKZN, akhonjiswe ezweni lonke nasemazweni ehlukene omhlaba.
Lolu hlelo luzoqala ngokuthi kwenziwe ama-festival ehlukene ezamafilimu azoba seMlaza, eMgungundlovu nakuMasipala wesiFunda Amajuba, lapho kuzokhonjiswa inqwaba yamafilimu ebantwini babone ubuhle bethalente lokulingisa esifundazweni.
Isikhulu esiphezulu esibambile eKZN Tourism & Film Authority, uMnuz Sibusiso Gumbi, sithe imboni yamafilimu ikwezimqoka nezinamandla okuqhakambisa ubuhle bethalente lamaciko aseKZN nasezweni lonke, futhi kubamba iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni umnotho, yingakho bebone kumqoka ukutshala imali engaka ukusiza ukufeza lowo mbono wabo.
"Njengoba kuyilesi sikhathi lapho sihlale siqhakambisa khona amafilimu avutshelwe eKZN, sibheke ukuthi sisize amaciko akithi ukwakha amathuba omsebenzi. Lama festivali esizowenza azosiza ukuhlanganisa abantu bethu, babone ubuhle bobuciko bethu, kube futhi kusiza nokuthi ukubambisana kwethu nezinhlaka zobuciko zasemazweni omhlaba, kusilekelele ukuqhakambisa ubuciko bethu kwamanye amazwe. Lokhu kuzosisiza nangokuvuselela uthando lokubuka amafilimu ebantwini, bese kuthuthuka imboni yethu ngalokho," usho kanje.
Ingxenye yala mafilimu ayizukugcina ngokukhonjiswa eKZN kuphela, njengoba kuhlelwe nokuthi akhonjiswe kuma festivali azoba se-Finland, India naseNetherlands. Enye yalawo mafilimu ngethi 6SENSE, eyiqophamlando elididiyelwe wuChris Kets no-Amical Patel, kanjalo nethi And She Didn't Die, ezokhonjiswa kwi-International Documentary Film Festival ezoba se-Amsterdam, eNetherlands kusuka ngoNovemba 13 kuya ku-23, bese kuthi abanye abakhiqizi bamafilimu bathole ithuba lokumela izwe kwi-International Film Festival eGoa, e-India ngoNovemba 20 kuya ku-28.
Kuleli zwe lawo mafilimu namanye azokhonjiswa kwi-Umlazi International Film Festival ezoba seMangosuthu University of Technology, kube UMgungundlovu Film Festival, Amajuba Film Festival akhuza ibuya ihlandla lesihlanu nonyaka.
Kanti futhi akuzukugcina ngokuthi kujatshulelwe ukubuka amafilimu kuphela, njengoba kulama festivali kuzoba khona izigcawu zokucobelelana ngolwazi, okuzobe kukhona kuzona amaciko asenamava kule ndawo ukuzohlomiisa ngolwazi amaciko asafufusa nafisa ukugqama kule ndima.
"Konke lokho sikwenzele ukuhlomisa ngolwazi amaciko akithi asafika kule ndima, ukusiza ukuqinisekisa ukuthi amathuba anjengaleli awapheleli eThekwini kuphela, kepha asiza nabantu bakwezinye izindawo ezahlukene ezakhele isifundazwe sethu," kusho uGumbi.
Ukuthola uhla oluphelele lwezinsuku zalama festivali neminye imininingwane ngawo, ungangena kwi-website ethi: www.visitkznsa.com noma ulandele iKZN Tourism and Film Authority ezinkundleni zokuxhamana ezahlukene.