Izindaba

Kusemnyama kwabalinde izizumbulu 'ezacwila neThala'

Simangaliso Ntshangase|Published

Thami Ntuli

Image: Supplied

AKUKACACI namanje ukuthi bazokhululeka futhi bakuthole nini okungokwabo abantu abalinde izizumbulu zemali yabo ababeyigcine ebhange eselavalwa Ithala, njengoba namanje kungakabi bikho sisombululo nambiko ngokwenzekayo.

Lokhu kuqinisekiswe ngomunye wabantu abagcine imali yabo eThala, okwaphuma umbiko wokuthi seliyavalwa ngonyaka odlule, okuze kube yimanje kunenqwaba yabantu abalinde ukuthi babuyiselwe imali abebeyigcina iminyakanyaka kuleli bhange.

Leli lungu (70) lomphakathi elixoxe neSolezwe, nelilidonse ngendlebe ukuthi lingadalulwa igama lalo, lithe likhathazekile futhi alinakuthula emoyeni njengoba lisebantwini abebebeka imali yabo eThala kusukela liqala ukusebenza eminyakeni ewu-25 edlule.

"Bengihlale ngibeka imali yami khona yonke le minyaka kwaze kwaba ngithatha umhlalaphansi ngo-2020. Bekuba wukuthi ngiyayibeka, bese ngiyikhipha uma kusuke kukhona engiyidingayo ngaleso sikhathi bese ngiyayibuyisela futhi. Nokho kwathi sekuvela izindaba zokuthi leli bhange liyavalwa, lavala kabi kungqwamba nemali yami engaphezu kuka-R10 000, engilokhu ngilinde ukuthi ngibuyiselwe yona, namanje lutho," lisho kanje.

Liqhuba ikhasimende, lithe okubuhlungu nokuliphatha kabi kakhulu wukuthi akukho mbiko noma saziso abasitholayo ukuthi kuzokwenzekani ngemali yabo, nokuthi izofika kanjani kubona ukuze bayisebenzisele ukuziphilisa noma bayigcine kwamanye amabhange uma besafisa ukwenza lokho.

"Lesi simo sibuhlungu kakhulu njengoba abanye bethu behleli emakhaya, behlupheka ekubeni benemali engabe iyabasiza ukulungisa ezinye izidingo zempilo yabo. Konke lokhu kuyasigqilaza nasemiqondweni njengoba sekwaze kwaba khona nabantu engibaziyo asebadlula emhlabeni belinde ukuthola imali yabo," kusho ilungu lomphakathi.

Ngesikhathi kusanda kuvalwa ukuthi imali ifakwe noma ikhishwe kuleli bhange, baningi ababekhihla isililo - abanye baeveza nokuthi abakwazi ukungcwaba izihlobo zabo ngendlela enesizotha ngenxa yokuvaleleka kwemali yabo.

Kuthintwa uMnuz Lindelani Mbatha, okhulumela ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal,  okuyilona elibhekele izindaba ezithinta iThala, wathembisa ukubuya nempendulo, kwaze kwaphela isonto lonke, obekuthi uma ekhunjuzwa ngalokho, athi uzoyasiza intatheli uma sekukhona imininingwane angayinika yona mayelana nalolu daba.

UNdunankulu Thami Ntuli wayegcine ecashunwe ethembisa ukuthi bayayisukumela inkinga yeThala futhi sebexhumane noMengameli Cyril Ramaphosa ukuba ilungiswe.