Enye yezimoto ezithinteke engozini enyantisayo eyenzeke eShallcross
Image: ALS PARAMEDICS
Umelwe yinhliziyo ethola usizo lokuqala owesifazane obeveleleke emotweni.
Ngemuva kwehora lesihlanu ekuseni abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS babizelwe engozini enkulu eyenzeke kuHans Detman Highway noWiltshire Road endaweni yaseShallcross eNtshonalanga yeTheku.
Abezimo eziphuthumayo bafike bathola isibhicongo njengoba befice izimoto ezimbili ebezilimele kabi emgwaqweni. Bahlole indawo yesigameko bathola ukuthi omunye wabashayeli ubevaleleke kanzima emotweni esesimweni esibucayi. Kudingeke ukuba uphiko lwezeMlilo lukhiphe isicishamlilo ukuba uzosiza ngesikhathi abe-Advanced Life Support Paramedics bezama ukusimamisa lo wesifazane emotweni.
Kushone oyedwa engozini enyantisayo eyenzeke eShallcross
Image: ALS PARAMEDICS
Ngeshwa ngesikhathi ezama ukukhulula lo wesifazane okukholakala ukuthi uneminyaka engamashumi amahlanu ubudala umelwe yinhliziyo. Phezu kwayo yonke imizamo yokuhlenga impilo yakhe kuthiwa ugcine eshonele endaweni yesigameko.
Umshayeli wesibili owesilisa oneminyaka eko-40 ubelimele kodwa abe-Advanced Life Support Paramedics bakwazile ukumenza azinze wase ephuthunyiswa esibhedlela esiseduze ukuze athole ukunakekelwa okwengeziwe abekudinga.
Okwamanje izehlakalo ezaholela engozini azaziwa kodwa amaphoyisa asazophenya kabanzi.