Izindaba

Kudutshulwe kwabulawa owesilisa ePhayindane

Nonkululeko Nhlapo|Published

Indawo lapho okubulawe khona owesilisa ePhayindane

Image: Als paramedics

Kuphenywe icala lokubulala ngemuva kokudutshulwa kubulawa owesilisa esemotweni yakhe emgwaqweni u-Bamboo Lane, ePhayindane.

Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola amaphoyisa asevele ekhona umgwaqo uvaliwe. Abezimo eziphuthumayo bakhonjiswe owesilisa odutshulwe amanxeba amaningi eceleni komgwaqo, bahlole le ndoda okukholakala ukuthi iseminyakeni yama-50 nokho akakhombisanga zimpawu zokuthi uyaphila, wahlonzwa njengoshonele endaweni yesehlo.