Izindaba

Kuboshwe ababili ngokubulala isalukazi eMthwalume

Nonkululeko Nhlapo|Published

Zibakhalele abatholwa nempahla eyebiwa emzini kamufi

Image: Sigciniwe

Amaphoyisa aseHibberdene abophe abasolwa ababili abaneminyaka engu-24 no-36 ubudala ngecala lokubulala nokutholakala nempahla okusolwa ukuthi yebiwe ngoLwesine.

Lokhu kulandela ukutholakala kwesidumbu sikaNkk Khanyisile Ngwane (64) edamini legazi endlini yakhe eNhlabamkhosi eMthwalume ngomhlaka-14 Okthoba 2025.

Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko, uphenyo lokuqala lwaveza ukuthi lapho kuhlala khona umufi kuphinde kwebiwa nezimpahla ezibalulekile. Icala lokubulala nelokugebenga libhaliswe esiteshini samaphoyisa eHibberdene. Kwenziwa uphenyo, kwaboshwa umsolwa oneminyaka engu-24 ubudala endaweni yaseNyangwini ephethe izimpahla okusolakala ukuthi zithathwe emzini kaNkk Ngwane ongasekho. Ngalo lolu suku amaphoyisa abophe indoda eneminyaka engu-36 ubudala nayo ngecala lokubulala uNkk Ngwane. Bobabili abasolwa babekwe amacala okubulala nokutholakala nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.

Bezel eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe ngoMsombuluko, mhla ka-27 kwephezulu.