Izindaba

Imbibizane kuDlubheke kwengezwa amacala okubulala

INTATHELI YESOLEZWE|Published

UDLUBHEKE ubhekene namacala amane okubulala namabili okuzama ukubulala

Image: SIGCINIWE

UMCULI kamaskandi, uBukelani "Dlubheke" Khuzwayo, uhlangabezane nembibizane kade eyofaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseNquthu, izolo. Lo mculi (31) wodumo lwengoma ethi Impi Yamatekisi nethi Siqhathwe eNquthu, uthole ukuthi emacaleni amane sekwengezwe amabili okubulala aphenywa ngamaphoyisa aseGauteng.

Isolezwe lithole ngephoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba ukuthi uDlubheke usesolwa nangokubulala owesilisa oseyibhungu eGoli, ngoJanuwari 1, 2022 nenye indoda yaseKatlehong, ngoNovemba 27, 2024. Ngakho amacala asebhekene noDlubheke aseyisithupha esewonke. Usabhadle esitokisini saseThekwini.

"Amaphoyisa ayehla ayanyuka naye ngenxa yokuthi akubonakali kungalunga uma engatoka eNcome noma eVryheid, ngenxa yamacala abhekene nawo. Ufika namaphoyisa avale ubuso okuyiwona ehla nawo njalo uma eza ecaleni," kusho umthombo.

UDlubheke ubuyela enkantolo ngoNovemba 27, njengoba kusacutshungulwa ukuthi la macala uzowathamela ngaziphi izinsuku njengoba esezinkantolo ezahlukene.

Lo mculi uqale ukubingelela inkantolo ngoMsombuluko, emuva kokuzinikela emaphoyiseni aseDurban North, eThekwini, ngenxa yokuthinteka emacaleni amabili okubulala namanye amabili okuzama ukubulala. Imithombo yathi wazinikela emuva kokwelunywa indlebe ngokuthi uphiko lwamaphoyisa i-NIU lumfuna phansi phezulu.

Kuthiwa okwamthusa kakhulu ukuzwa ukuthi amaphoyisa aseGauteng asedubule abulala uZamani Ngila Ximba waseQhudeni, esigamekweni esenzeke eDuduza, Ekurhuleni, ngoLwesine olwedlule, ngo-12 ebusuku. UXimba ubesolwa ngokubhuqabhuqa ngenhlamvu abantu, okukhona kubo nowayeyilungu elimele iNkatha ePhalamende, uMnuz Khethamabala Petros Sithole (67).

USithole wabulawa ngokudutshulwa ehostela iBuyafuthi, eKatlehong, ngoMeyi, eyokhuza ukubulalana kwabantu baseQhudeni. Ekuqaleni kwesonto, isitatimende samaphoyisa aKwaZulu-Natal, sithe ukuboshwa kukaDlubheke kumayelana nesigameko esenzeka ngoNovemba 12, 2023, sokuhlaselwa kwamadoda amane akwaSithole eQhudeni, ayesemotweni emhlophe eliqhamukisa eNtinini, eBabanango, elibangise emakhaya.

"Ngesikhathi edlula eMpukunyoni, kusolwa ukuthi avinjwa wumsolwa, ababekhuluma naye ngesikhathi besendleleni. Ngesikhathi imoto seyizokuma, umsolwa waqala wavulela ngenhlamvu, ebhekise kubagilwa, kwathi umshayeli wahluleka ukulawula imoto yagcina seyiphaphalaza."

Siqhuba isitatimende, sithe abagilwa ababili basindiswa ukubaleka endaweni yesigameko, kwathi abanye bagcina bedlulile emhlabeni ngenxa yokulimala kabi. 

Kwenzeka lokhu nje, uDlubheke ubesanda kuveza ukuthi usephilisa okwenyamazane ngenxa yokubona engaphephile. 

Le nsizwa yakhala ngokudeze iyamaniswa nezigameko zokubulawa kwabantu, kokunye ize iboshwe kodwa kungenzeki igcine ibekwe icala. 

Ekhuluma kwiClean Governance Podcast, uDlubheke wasola abantu bangakubo athi bamqhatha nabaseMsinga naseTembisa. Uthe useke wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngoba esolwa ekubulaweni kwabantu abangaphezu kweshumi.

Echaza, wathi udaba lwaqala ngo-Okthoba 2023, njengoba esebona kufanele agonyuluke. 

Uthe kubantu abangu-11 asebebulewe uyedwa kuphela okungasolwa yena ekufeni kwakhe, wathi okumxakayo sebaboshwa abantu abathinteka ekufeni kwabantu kodwa iminwe isalokhu ibheke kuye kangangoba sekuhlaselwe kubo amahlandla amaningi, kwaze kwadutshulwa noyise, uShobeni Khuzwayo weZingane Zoma futhi kwashiswa imoto. UDlubheke wathi ngolunye usuku evakashele abafowabo eVosloorus, eGauteng, wahlaselwa ngabantu bangakubo angaxabene nabo kodwa wasinda ngokulambisa.

Uqhube wathi babuya namaphoyisa amgquma izinyanga ezintathu esitokisini saseBoksburg. Uthe akugcinanga lapho, kodwa kwabuye kwafika amaphoyisa namanye amacala aseTembisa, waboshwa wadedelwa. Yize udlame lwaKwaNgqulu selwakhuzwa kodwa uthe kusalokhu kukhonjwa yena uma kufa umuntu njengababulawe eFaraday.

Wadalula ukuthi usebuye wakhonjwa ekubulaweni kukaSithole ehostela eBuyafuthi, eKatlehong, kangangoba amaphoyisa aseke ahlasela epulazini likayise, kanjalo nakubo ngoba emsola ngokuthi ufihle omunye umsolwa.

Waveza ukuthi nakulesi sigameko ubhecwa ngobende ngoba senzeka yena eyozingela eMpumalanga futhi kunobufakazi.