UDKT Gcina Mhlophe umsunguli nomgqugquzeli weNozincwadi Storytelling Festival
Image: SITHUNYELWE
KUGQUGQUZELWA abantu abasha ukuba baziqhenye ngolimi lwabo lwebele ochungechungeni lwemicimbi eyingxenye yeNozincwadi Storytelling Festival yakulo nyaka KwaZulu-Natal. Kuleli dili abafundi bezikole zakulesi sifundazwe bathola ithuba lokushiyelana inkundla nezinkakha zamaciko akuleli.
Umsunguli nomgqugquzeli walo mcimbi, uDkt Gcina Mhlophe weGCINAMASIKO Arts & Heritage Trust, uthe isiqubulo salo nyaka sithi: "Impilo Yami Ulimi Lami Lwebele." Uthe yingoba ulimi akuyona into esetshenziselwa ukuxhumana kuphela kodwa yilona elisho ukuthi wena ungubani futhi wasiphi isizwe.
"Unyaka nonyaka, uNozincwadi usikhumbuza ukuthi izilimi zethu ziqukethe ukwelapha, ubuhlakani nethemba."
Isolezwe lithole ukuthi umbuthano kaNozincwadi uyizinsuku ezine futhi uvulwe ngokusemthethweni eWushwini Pan African Centre KwaNgcolosi. Namhlanje ngoLwesine useMarket Square (ngaseBessie Head Libriary) eMgungundlovu.
Kusasa ngoLwesihlanu uzobanjelwa ngaphansi kwesihlahla sodumo eBluff Showgrounds, eThekwini, lapho kuzobe kugujwa uSuku Lokuxoxwa kwezinganekwane kuZwelonke futhi kuzobe kunomgubho wokuzalwa kukaDkt Mhlophe bese imbenge isongwa ngendumezulu yomcimbi eBlue Waters Hotel, eThekwini ngoMgqibelo.
Kulo mcimbi wokuvala kuzobe kunedili lomculo, umbukiso wengqephu futhi kuxoxwa izindaba. Emacikweni azobe esina ededelana kubalwa uSiyabonga Ndlela, Hlobisile “Qhawelentombi” Mkhize, Nozi the Storyteller, Zenzele Mvelase, Nompumelelo MaNdlovu Mzelemu, Nokwethemba Vilakazi, Zinhle Madela, Pretty & The Music, The Red Lights Choir, Ndyebo Siko, Zawadi Yamungu naBafana beVaar Gumboot Dancers.
UDkt Mhlophe uthe sekuwunyaka ka-17 kugqugquzelwa intsha ukuba ithande ulimi lwayo futhi ixoxe izindaba ngenhloso yokugcina umlando wakuleli. Lolu chungechunge luxhaswe wuMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko ngaphansi kophiko olubizwa ngeMzansi Golden Economy.
UDKT Gcina Mhlophe umsunguli nomgqugquzeli weNozincwadi Storytelling Festival
Image: SITHUNYELWE