Izindaba

Abombhaqanga batusa amandla oNyazi ngedili lomculo

Charles Khuzwayo|Published

ABACULI bombhaqanga babonga uNyazi ngedili lomculo eliseWorkshop Amphitheatre, eThekwini ngalo Mgqibelo

Image: SIGCINIWE

ABACULI bombhaqanga babonge umholi wakwaShembe, Inkosi uMduduzi u'Nyazilwezulu" Shembe, ngokufezeka kwephupho labo leminyaka. Kuzokhumbuleka ukuthi abaculi bombhaqanga banikela eBuhleni, eNanda ngoJulayi 20 kulo nyaka, beyocela uNyazi lubavulele iminyango  bekhala ngokuvalelwa emicimbini.

Emuva kwezinyanga ezine umthandazo wabo uphendulekile njengoba bezoba noMgxobanyawo Music Festival eWorkshop Amphitheatre, eThekwini ngoMgqibelo kusukela ngo-10 ekuseni. Omunye wabagqugquzeli balo mcimbi, uSiphiwe Zakwe waBabekezeli futhi ongumgcinimafa kwiVuka Mbhaqanga Music Foundation, uthe babonga kakhulu uNyazi ngoba bakhala kulo, lwabasula izinyembezi. 

Kuleli dili kuzobe kusina kudedelana Ababekezeli, Bonani Mhlongo, Abangani, Abagandayi, Abagijimi, Omkhaya, Odali, Miya Brothers, Vusi Ngcobo, Ozakwabo, Msobompofu, Oswenka, Gudlugu 1kg, Abancengi Bempilo, Njabulo Blose, Mdabu Ngqulunga, Thokozani Qoma, Thokozani Zwane, Mxakaxaka Nezihlo, Mzex Nabasebenzi, Osbali Basemzini, Tyte Shelembe, DT Malembe neKhehla Eliphethe Isitayela. Uhlelo luzobe luphethwe uBingelela Mpanza woKhozi FM, uMadlokovu Ngema we-1KZN TV, DJ Nonto, Isithombe Sesele weZwi Lomzansi, King SA weVibe FM noTripple S weRadio Sunny South. 

UZakwe ubuye wabonga ngoxhaso abaluthole eMnyangweni wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko eKZN, uMasipala weTheku neKwaMashu Superspar. Uthe okubenze bathatha isinqumo sokuzihlelela umcimbi yingoba abaculi bombhaqanga abaqashwa ndawo. 

"Kulo nyaka amabhendi awu-6 azodlala bukhoma bese kuthi awu-20 alingise. Ngenxa yobuningi bamaqembu kungasa emnyango uma wonke engadlala bukhoma ngamabhendi.  Ngonya ozayo sizokhuphuka isibalo samabhendi."

Uthe kulo nyaka bawenze waba sendaweni evulekile nokungenwa kuyo mahhala  ukuze  abaningi babone ukuthi umculo wombhaqanga ukhona futhi usaphila." Uthe eminyakeni ezayo banephupho lokuba lo mcimbi ugcine sewugcwalisa inkundla yebhola.  Esephetha uZakwe ubuye wabonga kubalandeli bomculo wombhaqanga ngokuwa bevuka nabo. 

ABABEKEZELI bazobe benandisa kwiMgxobanyawo Music Festival eWorkshop Amphitheatre eThekwini ngalo Mgqibelo

Image: SIGCINIWE

UBINGELELA Mpanza woKhozi FM uzobe ephethe uhlelo kwiMgxobanyawo Music Festival eWorkshop Amphitheatre, eThekwini

Image: FACEBOOK