UDKT Mcoyi-Zondo onguSihlalo weSouth African Funeral Practitioners Association
Image: SITHUNYELWE
IKHALA ngengwadla yokushoda kwezindawo zokungcwaba inhlangano yabangcwabi, iSouth African Funeral Parlour Association (Safpa). Le nhlangano ithi ziyaphela nya izindawo zokungcwaba abantu kuleli zwe.
Iqhuba ithi inxusa ukuthi kube khona okwenziwayo ngokushesha ngenhloso yokuthi kutholakale isixazululo kule nkinga. Le nhlangano inxusa ukuthi kube khona ukungenelela okuphuthumayo kukahulumeni kulolu daba olubucayi.
Le nhlangano ithe le ngwadla idla lubi kakhulu ikakhulukazi ezindaweni ezisemadolobheni. USihlalo wale nhlangano, uDkt Nomfundo Mcoyi-Zondo uthe le nkinga isithanda ukuba ngaphezulu kwabo ngoba iyakhula kunokuba inciphe.
“Asifuni ukulinda kuze kufike isikhathi lapho uthola ukuthi imindeni ijikiswa seyifikile emathuneni kuthiwe ayikho indawo yokungcwaba,'' kusho uDkt Mcoiyi-Zondo.
Eqhuba uthe ukungcwaba ngenye yezinto ezimqoka kakhulu wathi kodwa uma sekunesimo esifuze lesi kumele kusukunyelwe phezulu. Uthe uma kungenjalo kumele kuqale kuqhanyukwe nezinye izindlela zokubhekana nale nkinga okubandakanya ukulothiswa kwabantu.
Eqhuba uthe emindenini eminingi ukungcwaba akusilona nje isiko kodwa yinto ethinta imimoya.
Ngokwemibiko evela edolobheni iJohannesburg izindawo zabo zokungcwaba sezigcwele ngamaphesenti angu-90%. Eqhuba uveze ukuthi isiqala ukumba eqolo nemigodi, wenza isibonelo ngokuthi kwesinye isikhathi isiqala ku-R10 000 kuya ku-R15 000.
Uthe ukuthuthuka kwezindawo zasemadolobheni kuza nengcindezi yokushoda kwezindawo zokungcwaba.
Ngenhloso yokubhekana ngqo nale ngwadla uthe inhlangano izocebisa abantu ngezinye izindlela zokungcwaba ezibandakanya nokulothiswa kwabantu. Uthe bazokhuluma nomasipala abehlukene ukuze kutholakale umhlaba ongasetshenziswa.
Related Topics: