Izindaba

Imibuzo kuphuma isidumbu emcimbini womndeni KwaMaphumulo

Nkosikhona Cele|Published

Indida ngabebelwa emzini womuntu kunomcimbi

Image: Morgan Morgan / DALL-E / DFA / File picture

USALE udidekile umphakathi waseNyamazane, KwaMaphumulo, ngemuva kokuba kugcine kuphuma isidumbu emcimbini wokubuyiswa kukababa wekhaya ngempelasonto.

Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi kube nengxabano phakathi kwabesilisa ababili bakhona endawerni abebesemcimbini wakwaMkhwanazi.

Umthombo uthe umufi, uMnuz Zamani Khumalo (33), ube nokuhilizisana nowesilisa owaziwayo, okuyimanje ugcwele amathafa. Uthe awaziwa umnyombo wengxabano yabo.

''Sibone ngabo sebedudulana ngequpha nje, singazi ukuthi babangani. Kodwa isiphetho sikhomba ukuthi inkulu into abebeyibanga. Bebelwa bethukana kodwa singezwa ukuthi yini ebangwayo," kusho umthombo.

Uqhuba, uthe ngemuva kwesikhashana belanyuliwe, baqale phansi baba nokuhilizisana kodwa sebexabana ngaphandle kwegceke lalapho ebekwenziwa khona umcimbi.

Umthombo uthe umsolwa ubonakale emqongqotha ngesidunu sesibhamu umufi, kwathi kusabatshazwa lokho wamngenela ngommese wamgwaza ephindelela, uKhumalo waphelela khona lapho.

''Isihlukumezile kakhulu into esiyibonile. Okubuhlungu kakhulu ukuthi le nto yenzeke emzini womuntu kunomcimbi obalulekile. Lo mlisa ukhombise ukuba nesihluku esikhulu kabi. Okubi nje ukuthi namanje akakaboshwa," usho kanjena.

Owomndeni kamufi, uNksz Slindile Khumalo, uthe badumele kakhulu ngokwehlele umfowabo.

UNksz Khumalo uthe bayazibuza bayaziphendula ukuthi yini le engaka abibangwa ebingaze igcine seyiholele ekutheni kugcine kuphuma isidumbu.

''Le nto isiphethe kabi ukuthi umuntu angaya emcimbini ebese ebuya eseyisidumbu, maqede kuphele nje kanjalo. Le nto isiphethe kabi kakhulu kodwa siyathemba ukuthi kuzovela ukuthi ngempela kwenzekeni kuloya mcimbi abekade ewuhambele,'' echaza.

Eqhuba uthe bafuna ubulungiswa nezimpendulo ngokwenzekile.

Isolezwe likhulume nowomndeni walapho obekwenziwe khona umcimbi, uMnuz Mzwandile Mkhwanazi, elivumile ukuthi kuphume isidumbu emcimbini.

Kodwa uthe ngabe uqamba amanga aluhlaza uma engathi uyazi ukuthi laba bebebangani. Uzwakalise okukhulu ukukhathazeka ngendlela le nto eyenzeke ngayo. Uveze ukuthi laba ababilili akakhumbuli kuthiwa bayinkukhu nempaka.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo ngalolu daba.