Amaphoyisa adubule abulala abasolwa abathathu eParktown eGoli
Image: Sithunyelwe
Kudutshulwe kwabulawa abathumbi abathathu ngesikhathi betholana phezulu namaphoyisa aseGauteng eParktown, eGoli ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke u-Athlenda Mathe, uthe abasolwa kusolakala ukuthi bathumba indoda yaseChina ngoJuni 2025, kwathi ngesonto eledlule bazama ukuthumba omunye usomabhizinisi eGauteng.
UMathe uthe kuthiwa bebesendleleni ukuyobamba inkunzi ngesikhathi bebanjwa amaphoyisa.
UMajor General Fred Kekana utshele abezindaba ukuthi bebelandela umkhondo womsolwa oyedwa obefunelwa icala lokugebenga imoto yemali kuhlonyowe.
"Lelo cala lenzeka ngo-2023 kwafa abasolwa abayisishiyagalolunye kwaboshwa ababili kwabaleka oyedwa. Ngesikhathi amaphoyisa ebona imoto esolisayo azamile ukuyimisa, kodwa abebephakathi bavulele ngenhlamvu usendaweni yesigameko," kusho yena.
"Uphenyo lokuqala luveza ukuthi le moto yasetshenzwa esigamekweni sokuzama ukuthumba usomabhizinisi ngesonto eledlule.
Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili i-shortgun ne-rifle, zizohlolwa ukubona ukuthi awekho amanye amacala ake enziwa ngazo.