UNOMZAMO Mbatha ukhuza ibuya nomqhudelwano wokufukula abesifazane abangosomabhizinisi
Image: SIGCINIWE
UMLINGISI wodumo kwiShaka Ilembe neSibaya, uNomzamo Mbatha, usaqhubeka nokufukula, ukukhuthaza nokubungaza abantu besifazane ababambe iqhaza emkhakheni wamabhizinisi.
Lokhu uNomzamo waKwaMashu, ukwenza ngokugqugquzela umqhudelwano wezindondo obizwa nge-EmpoweringHER Seminar & Business Awards. Lo mncintiswano wenziwa ngokubambisana phakathi kwenhlangano engenzi nzuzo kaNomzamo, iNomzamo Lighthouse Foundation neHollywood Foundation.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe imithombo yezindaba, lo mqhudelwano, ozobe sewenziwa okwesihlanu, uzobanjelwa e-Inanda Club, eGoli, ngoNovemba 15, phakathi kuka-9 ekuseni no-5 ntambama. UNomzamo, ongumgqugquzeli walo mqhudelwano, uthe lo nyaka usemqoka kakhulu njengoba sebefinyelele esicongweni, iThe Power of 50.
"Selokhu saqala ukuhlangana, sesihloniphe abantu besifazane abangamavulandlela abangu-40. Ngo-2025, samukela abanye abanwu-10 kule ngqophamlando, okwenza isibalo sifinyelele kwabahlanu abantu besifazane abaguqula isimo sezwe lethu nomhlaba."
Ongumxhumanisi weHollywood Foundation, uVuyisile Ngobese, uthe bayaziqhenya kakhulu ukufinyelela kule minyaka asebeyihambile nalo mqhudelwano selokhu baba yingxenye yawo. Uthe isiqubulo sabo esithi Power of 50 siyisahluko esiqhakambisa abantu besifazane abanesibindi nobuciko bokuqhubeka nokufukula abantu baseNingizimu Afrika kwinhlalakahle nasemnothweni.
"Ngokubambisana neNomzamo Lighthouse Foundation, siguqula i-EmpoweringHer emgubheni wosuku olulodwa kodwa kube uhambo olude lokufukula, ukuletha ithemba, ukwakha ithuba nokuqinisa umzila lapho besifazane bezothuthuka khona," kusho uVuyisile.
Emazwibeleni ezinto ezizobe zenzeka kuma-2025 EmpoweringHER Seminar & Awards akulo nyaka, kubalwa ingxoxo ezobe idingidwa ngabanye osomabhizinisi asebengoqolothakamango emkhakheni wokuhola nokufukulana. Kulindeleke ukuba inkulumo yosuku kube ezogqugquzela futhi ikhuthaze izithameli. Balishumi abesifazane okulindeleke ukuba bachonywe uphaphe lwegwalagwala. Uthe kuzobe kungewona umcimbi nje kodwa inkundla yokunikeza abesifazane ithuba, umbhobho nenhlonipho ebafanele.
"Ithimba lethu (lamajaji) nezikhulumi eziqavile zizobe zivutha umlilo, ulwazi nenkuthalo. Lo mqhudelwano wezindondo uthulela isigqoko abesifazane abanekhono lokuhola ngombono, isibindi nokushiya umsizelo."
Selokhu lo mqhudelwano uqalile, ngenxa yokwesekwa iNomzamo Lighthouse Foundation neHollywood Foundtion, usuxhase ngemali engu-R3.2 million, ukhipha imali elinganiselwa ku-R800 000 ngonyaka. Amathikithi okuthamela lo mcimbi abiza imali esukela ku-R950 no-R1 200.
*Osomabhizinisi abafuna ukungenela lomqhudelwano bengangena kule-webiste: https://hollywoodfoundation.co.za/empoweringher-2025/