UZANELE Mbokazi-Nkambule uzokhunjulwa kumaCrown Gospel Awards e-ICC eThekwini, ngenyanga ezayo
Image: SIGCINIWE
KUFANELE ngabe uyajabula lapho elele khona uZanele Mbokazi-Nkambule njengoba umqhudelwano wakhe uqhubeka nakulo nyaka
Image: SIGCINIWE
KUPHELILE ukuqagela ngama-18th Crown Gospel Music Awards njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi azobanjelwa eNkosi Albert Luthuli ICC, eThekwini, ngoNovemba 23, kusukela ngo-7 ebusuku.
Lo mqhudelwano ubuyela kuleli dolobha nje, uke wafudukela eGoli iminyaka emibili. Lezi zindaba ziqinisekiswe ngokhulumela lo mcimbi wezindondo ngokusemthethweni, uMfu Sthembiso Mtshali. Uthe izithameli zizoqala ukunyathela ku-red carpet ngezithuba zabo-4 ntambama.
"Sijabule kakhulu ukukhuza ibuya lapho konke kwaqala khona futhi simema umphakathi ukuba ubekise indawo zisasuka amadaka kulo mcimbi wokholo othembisa ukuba yisikhondlakhondla e-Afrika namaphethelo."
AmaCrown avamise ukuhanjelwa ngosaziwayo endimeni yomculo wokholo, abaholi bezenkolo abahlukahlukene nabathandi bomculo wokholo abasuke beliqhamukisa kuzozonke izifundazwe. Nakuba kuzobe kumnandi kudelile kodwa kuzobe kungokokuqala amaCrown ebanjelwa kulesi sifundazwe engasekho umsunguli wawo uZanele Mbokazi- Nkambule odlule emhlabeni ngo-Agasti 12, nyakenye.
"Kulo nyaka sizobe siwenza njengesikhumbuzo sakhe njengoba sizobe simhlonipha edolobheni adabuka kulo iTheku."
UMtshali uthe imingenelo yakulo nyaka ibe yingqophamlando njengoba ifinyelele ku-890, okuyinkomba zokuthi amaCrown adlondlobala kakhulu kunakuqala. Esephetha, uthe abaculi abaqokiwe bazomenyezelwa ekupheleni kuka-Okthoba. AmaCrown asingulwa nguZanele ngo-2008, ngenhloso yokubungaza nokuqhakambisa abaculi bokholo bakuleli.
Kubaculi abavelele kulo mqhudelwano, kubalwa uSolly Mahlangu, Dr Tumi, Dumi Mkokstad, Andile KaMajola, Xolly Mncwango, Phindi P, Nomthie Sibisi, Babo Ngcobo, Sgwili Zuma, Jumbo nabanye abaningi. Amathikithi okuthamela umcimbi wakulo nyaka aseyatholakala kwi-webtickets ngokungena kule website: www.webtickets.co.za