Izindaba

Utholwe eshonile 'obehlupha' umphakathi

Nkosikhona Cele|Published

isidumbu

Image: Motshwari Mofokeng / Independent Newspapers

AKHOLWA ukuthi azoke abe nokuthula amalungu omphakathi aKwaSonyongwane, eMzimkhulu, ngemuva kokuba kutholakale isidumbu sowesilisa "obewuhlupho" silahlwe ehlathini.

Ngokuthola kweSolezwe, isidumbu sikaMnuz Msawakhe Mvubu (33) sitholwe ngemuva kokuba kade sekuphele amasonto amathathu enyamalele.

Umthombo uthe isidumbu sakhe besigcwele igazi namanxeba amathathu emqaleni nasesiswini.

Elinye ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe lithe yize kubuhlungu ukuphuma kwesidumbu kodwa bakholwa ukuthi kuzoke kube nokuthula njengoba esebulewe uMvubu.

''Ayikho into embi abengayenzi lo mfana ebantwini balapha emphakathini. Ubesingenela ezindlini asikhombe ngezibhamu athathe imali yethu. Kwesinye isikhathi aqoqe yonke into ewukudla, ahambe nayo,'' kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe umufi ubewuhlalise lubhojozi kakhulu umphakathi. Uveze ukuthi kukhona isikhathi lapho obekwaziwa khona emphakathini ukuthi umufi usebenzisana nabathile ukweba izinkomo.

''Phezu kwakho konke lokho kodwa umphakathi ubumane ugcine ngokuhhumuzela nje ebese kumane kuphela nje kanjalo. Usihlukumezile lo muntu kakhulu kabi,'' usho kanjena.

Udadewabo kamufi, uNksz Babongile Mvubu, utshele Isolezwe ukuthi bayazi kuthi umufi ubewukhathaza kangakanani umphakathi.

Uthe akukho abangakwenzanga bezama ukukhuluma naye kodwa bekuba nhlanga zimuka nomoya, wathi nonina uze wahamba emhlabeni ebalisa ngokuthi indodana yakhe izobulawa ngenxa yokuhlupha umphakathi.

"Umama ibimphethe kabi indlela abeziphethe ngayo umfowethu. Okubuhlungu nje ukuthi ukhulume naye kaningi, ezama ukumkhombisa indlela,'' echaza.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akuqinisekisile ukubulawa kukaMvubu.