Izindaba

Kuphume isidumbu kuphangwa isitolo sobucwebe

Nkosikhona Cele|Published

UMUFI uVusimuzi Mbongwa obedume kakhulu ngelikaMandanda

Image: SITHUNYELWE

UKHUNGATHEKILE futhi uphithene amakhanda umndeni wowesilisa waseKuvukeni, eMnambithi, odubuleke washona kade kutholene phezulu ngenganono onogada nezinswelaboya esitolo sobucwebe.

Ngokuthola kweSolezwe umufi, uMnuz Vusumuzi Mbongwa (22), obedume kakhulu ngelikaMandanda udubuleke ekhanda kwamenela esephuthuyiswe esibhedlela iLadysmith Provincial.

Kuthiwa umufi utholwe yinhlamvu kade esephuma njengoba ebesebenza kwesinye isitolo esiseduze kwalesi ebesiphangwa ubucwebe.

Kuvela ukuthi isitolo ebesibanjwa inkunzi yi-American Swiss esisenxanxathelni yezitolo i-Oval.

Kuthiwa umufi udubuleke kabi ekhanda. Umfowabo kamufi, uMnuz Thulasizwe Hlatshwayo, uthe lesi sigameko sibalimazile kakhulu.

Utshele Isolezwe ukuthi bafuna izimpendulo ngokufa kukamfowabo omncane. Uthe bakhathazekile ngendlela abulawe ngayo.

Uthe ngeke baze babe nokuthula bengabutholanga ubulungiswa ngokwenzekile. Uthe bakholwa wukuthi ukhona okumele ajeze ngokufa kukamfowabo.

''Le nto isiphethe kabi kakhulu njengomndeni. Sikholwa wukuthi kukhona umuntu okumele ejeze ngalokhu - ngeke kulunge uma sithula nje sigoqe izandla,'' usho kanjena.

Ugcizelele ukuthi lesi simo sibalimazile kakhulu bewumndeni ikakhulukazi ngoba kubulawe umuntu osemncane kangaka ngokweminyaka.

Uveze ukuthi umufi washonelwa ngunina enezinyanga ezimbalwa nje ezelwe, wathi uyise abakaze bamazi.

Uthe lesi simo sibehle ngaphezulu njengomndeni, wabalisa ngokufa kukamfowabo amchaze njengemvu yenkosi.

Isolezwe litholile ngomthombo walo ukuthi izinswelaboya bukhona ubucwebe ezigcine zihambe nabo. Amaphoyisa awayiphendulanga imibuzo ayithunyelelwe ngalolu daba.