Izindaba

Uphekwe ngobhojwana uMchunu ingasobonwa inkulumo kaMkhwanazi ayeyithembisile

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ungqongqoshe wamaphoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu.

Image: Armand Hough/Independent Newspapers

UNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, uSenzo Mchunu, uhlulekile ukwethula ingosi yezingcingo lapho uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, abemsabisa khona. UMchunu utshele ikomidi lasePhalamende ukuthi uyalele isikhulu sakhe uCedric Nkabinde ukuthi aqophe inkulumo yakhe noMkhwanazi wathi uzokhipha irekhodi elifanele ngesikhathi evela ngoLwesibili. USihlalo uSoviet Lekganyane uveze ukuthi abaholi bobufakazi balandele uMchunu mayelana nenkulumo eqoshiwe athembisa ukufika nayo njengobufakazi phambi kwekomiti kodwa abakwazanga ukukuthola.

“Leso siqephu asikadluliswa kithina ngakho-ke akuthina, nguyena owasho ngesonto eledlule ukuthi ubefuna sizwe leso siqephu kodwa besingekho lapho kuqoshwa khona,” kusho uLekganyane.

Uphinde wagqamisa ukuthi umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema ukugcizelele ukuthi bonke ubufakazi afuna ukubuveza kufanele butholakale kodwa lokhu okuqoshiwe akukaze kwenzeke. Dlala Ividiyo “Njengoba kumanje, ikomiti lesikhashana alinayo leyo ngxenye enathembisa ukuthi izotholakala,” kusho uLekganyane.

Eziphendulela uMchunu uthe kungenzeka ukuthi inkulumo yaqoshwa ngokuhamba kwesikhathi inkulumo isidlulile.

"Bengicabanga ukuthi kurekhodiwe, kanti cha, bekuyinkulumo edlulayo," kusho uMchunu.

Uqhubeke wathi akuhluphi ngoba uyeza uNkabinde naye uzomfakazela kulokhu, ngakhoke inkulumo eqoshiwe okuyona yodwa okumele kuthenjelwe kuyona, udaba aluphelile.