UMNUS Sifiso Shangase ohlele ingqungquthela yamadoda
Image: SITHUNYELWE
OZAKHELE igama embonini yamatekisi KwaZulu Natal, uMnuz Sifiso Shangase, uphonsela amadoda inselelo yokuba abhoboke ngezinkinga eziwahlalise lubhojozi.
UShangase uthe uxhaxha lwezinkinga ezikhungethe amadoda yisona sizathu esiholele ekutheni ahlele ingqungquthela yawo ngenhloso yokubhunga kabanzi ngalokhu.
Le ngqungquthela uthe yethiwe ngokuthi yiMan Up Conference. Izokuba ngoNovemba 15, eGreenleaf Estate, eMgungundlovu.
Isiqubulo sayo uthe sithi: "Sibumba amadoda avikelayo, anakekelayo futhi abuyisa ithemba.''
Phakathi kwezinye zezinto athe amadoda ayesaba ukuphumela obala ngazo kubalwa nezinkinga zasekamelweni.
''Ayikho inkinga indoda okumele ithule nayo unomphela. Kumele amadoda afundiswe ukuphumela obala ngezinkinga asuke ebhekene nazo empilweni yawo. Lokhu nawo kungawalekelela ngezindlela ezahlukene,'' kuchaza yena.
Uthe amanye amadoda abhekana nenkinga ngenxa yokuthi akhule ngaphandle kwabazali bobabili.
"Umbuzo omkhulu uthi ingane yomfana ekhuliswe ngumama wayo kuphela ithola konke okufanele yini? Lokhu kugcina kudale ukuthi lo mfana kube khona okuthile angakuzuzi okumele ngabe kuvela kuyise,'' kusho yena.
Okunye athe kuzobhungwa ngakho kabanzi ngezamabhizinisi nendoda.
"Kumele ukuba amadoda afundiswe kabanzi ngezamabhizinisi. Lokhu kuyawalekelela ekutheni akwazi ukuqhuba amabhizinisi awo ngendlela ekahle," kusho uShangase..
Olunye udaba olubucayi athe ngeke balenze iphutha lokulushiya ngaphandle oluthinta izikweletu. Uthe sesifikile manje isikhathi sokuthi amadoda afundiswe izindlela ezingcono zokuthi kubhekwana kanjani nezezimali.
Le ngqungquthela uthe ihlome kakhulu ngezinkhulumi ezihlabahlosile okukhona kuzona usomabhizinisi osenokhakhayi oluqinile, uMnuz Boy Zondi, izinyane leSilo uNhlanganiso Zulu, uNdabe Myeza nabanye abaningi.
Uthe bayamenywa nabafana ukuba bafike kule ngqungquthela wathi bazoncela kogwansile.
Related Topics: