Izindaba

Kubulawe abasolwa ababili ehhostela iGlebelands

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kufe ababili eGlebelands

Image: Pixabay

Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ababili abaneminyaka engu-27 no-30 ubudala ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ehostela iGlebelands.

Amaphoyisa abelandela umkhondo wabasolwa abebefunelwa icala lokuduna imoto, elenzeke eHarding ngoLwesihlanu, 19 September 2025, kwadunwa khona iveni ebihamba amadoda amahlanu ekhonjwe ngezibhamu. Kube sekuboshwa umsolwa oyedwa ngecala lokuduna imoto, kanti amaphoyisa athungatha abasolwa abangakaboshwa.

Iminingwane ngomunye umsolwa etholakele, iveze ukuthi umsolwa ubebhace ehostela iGlebelands, eMlaza. Kwahlelwa umsebenzi, kwathi ngoMsombuluko ebusuku, amalungu adlulela ehostela laseGlebelands. Ekufikeni kwawo amaphoyisa angqongqoza ekamelweni eliqondiswe kubo azimemezele. Impendulo yalowo obengaphakathi kube ukudubula ebhekise kumalungu. Kwaqubuka impi yezibhamu, kwalimala abasolwa ababili. Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu eziyisithupha.