INHLOKO yophiko lokuthuthukisa amabhizinisi eStandard Bank, uNksz Naledzani Mosomane
Image: SITHUNYELWE
ELINYE lamabhange akuleli zwe iStandard bank selikhiphe umbiko walo ebeliqala ukucwaninga ngawo nonyaka iTownship Informal Economy Report, odalule ukuthi abalelwa ku-80% amabhizinisi asemalokishini aseNingizimu Afrika angabhalisiwe ngokusemthethweni.
Ngokwe-Statistics South Africa (StatsSA), amabhizinisi angabhalisiwe yilawo asebenza ngendlela yokuthi angalandeli imigomo nemithetho yokukhokha intela, imithetho yezabasebenzi nokunye kwemicikilisho yezentela. Lawo mabhizinisi asebenza ngaleyo ndlela aba nenkinga yokungakwazi ukuhlomula ezintweni ezithile njengokuthola imali yokuxhaswa nokunye okungenza ukuthi akhule futhi athuthukiswe.
Nakuba kunjalo, umnotho waselokishini ukwemqoka kakhulu kwezomnotho eNingizimu Afrika, njengoba ubambe iqhaza ku-19.5% wemisebenzi ekhiqizeke engxenyeni yokuqala ka-2024. Ngaphezu kwalokho, imibiko esanda kuphuma ibalule ukuthi umnotho wasemalokishini ubalelwa ku-R1 trillion.
Lolu cwaningo lweStandard Bank lwenziwe eGauteng, KwaZulu-Natal, Western Cape, Limpopo naseNorth West, futhi belubheka kakhulu amabhizinisi enza imali ebalelwa ku-R100 000 kuya ku-R50 milllion ngonyaka.
Nakhu okunye okutholwe wucwaningo lweStandard Bank:
- La mabhizinisi awu-80% angabhalisiwe aphuthelwa wusizo lwezezimali namanye amathuba okuwathuthukisa.
- Angaphansi kuka-9% kuwona awakwazi ukubolekwa imali emabhange, okwenza ukuthi ancike emalini ayibolekwa ngabangani nemindeni.
- Kukhona nenkinga yokuthi osomabhizinisi abaningi benza amabhizinisi ezinto ezifanayo.
- Nakuba imali esandleni isasebenza, kepha amabhizinisi angaphezu kuka-56% athanda ukuthi abantu bakhokhe ngamakhadi asebhange ukulungisela ukuhambisana nesikhathi.
- U-49% wala mabhizinisi usebenzela emagaraji noma emakhaya, kube wu-11% kuphela onezindawo eziqondile zokusebenzela.
Inhloko yophiko lokuthuthukisa amabhizinisi eStandard Bank, uNksz Naledzani Mosomane, ithe lolu cwaningo luveza ngokusobala izinto okusamele zilungiswe wosomabhizinisi basemalokishini ukuze kuchume amabhizinisi abo.
"Amabhizinisi asemalokishini abamba iqhaza elimqoka emphakathini, ngakho lezi zinselelo eziwayisa emuva kumele abhekane nazo ngokushesha. Yingakho nathi sizibophezele ukungenelela lapho singangenelela khona ukuze asizakale," usho kanje.