Izindaba

Usizi induna nomkayo bebulawa yindodana

Nkosikhona Cele|Published

INDUNA uNombela kanye nomkayo, uMaVilakazi okuthiwa bagwazwe babulawa yindodana yabo ngoLwesithathu emini

Image: SITHUNYELWE

SIYINDABA egudwini kumalungu omphakathi waseHlanzeni, eNgonyameni isigameko sendodana egwaze yabulala unina kanye noyise obeyinduna eyaziwayo kule ndawo.

ISolezwe Ngempelasonto lithole ngomthombo walo ukuthi indodana ivuke umbhejazane ngoLwesithathu emini isho ukubaqeda bobabili abazali bayo.

Umthombo uthe akucaci ukuthi uyini umnyombo wengxabano yabo.Induna, uMnuz Mpikayihlangulwa Nombela, kuthiwa ibulawe kanye nomkayo, uMaVilakazi.

UMaVilakazi yena kuvele ukuthi kumenele esephuthunyiswe eMshiyeni ngemuva kwamahora ambalwa efikile khona. UNombela kuthiwa uphelele khona emagcekeni akwakhe. Umthombo uthe indodana ibabulale ngommese abazali bayo.

''Ibingadlali indodana ivuke umbhejazane yabaqeda ngommese abazali bayo. Iqale yagwaza uyise kuthe uma ibona ukuthi useshonile uyise yaqonda ngqo kunina naye yamgwaza kabi washonela esibhedlela,'' kusho umthombo.

Uqhuba uthe indodana yenze okungajwayelekile ngoba kuthe seyiqede ukugwaza abazali bayo yangabaleka kunalokho yavele yagibela phezu komuzi ithi ilinde amaphoyisa ukuba afike azoyibopha.''Afikile ngempela amaphoyisa ayibopha futhi nayo ibingenayo inkinga. Ngesikhathi iboshwa ayizange inqabe. Ngikhuluma nawe nje isesitokisini,'' kuchaza umthombo.

Uqhuba uthe lesi sigameko siwashiye ebambe ongezansi amalungu omphakathi wakule ndawo amanye ebuzana imibuzoi engenazimpendulo ngasoo.

Amalungu omphakathi athi afe olwembiza ngokubulawa kwenduna ngoba iklame indima enkulu iqinisekisa ukuthi umphakathi wakule ndawo uyathuthuka.

''Kule ndawo sinezikole, izinkundla zebhola lezinyawo namahholo ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla kukaNombela,'' kusho elinye ilungu lomphakathi.

Amalungu omphakathi amaningi abekhala ngokulunga kwenduna nomkayo. Abelimisa ngesihloko elokuthi kuyadumaza ukuthi bagcine bebulawa ngesihluku esinjena.

"Eyi mfowethu sidumele kabi ngale nto eyenzeke enduneni nomkayo. Laba bantu bebephila bebazisa abantu futhi bewuhlonipha kabi umphakathi abakuwona. Kubuhlungu ke ukuthi namhlanje kukhulunywe indaba yokuthi babulawe yingane yabo abayizalayo. Namanje akuvumi ukuthi ngiyikholwe le nto mina,'' kusho omunye womakhelwane.

Indodana endala yabafi, uMnuz Sakhile Nombela, ikuqinisekisile ukuthi babulewe abazali bayo. Kodwa ithe ayithandi ukukhuluma lngaolu daba nezintatheli. Ngemuva kwalokho ivale ucingo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutanant Colonel Paul Magwaza, usiqinisekisile isigameko. Uthe amaphoyisa aseBhekithemba, eMlaza abophe owesilisa waseNgonyameni oneminyaka engu-34 ngecala lokubulala abazali bakhe.

''Owesilisa kusolakala ukuthi ugwaze uyise washonela khona ekhaya. Wenze okufanayo nakunina kodwa yena ushonele esibhedlela. Inhloso yokubulala ibingakaziwa,'' usho kanjena.