Izindaba

Usaqhubeka umdonsiswano weSihlalo sobuKhosi bukaZulu

Sabelo Nsele|Published

ABESEKA uMntwana uSimakade, Mntwana uMazwi Zulu, uMntwana uThokozani Zulu noMntwana uMxolisi kaBhekuzulu, bekhuluma nabezindaba

Image: Sabelo Nsele

UYA phambili umbango weSihlalo sobuKhosi bukaZulu njengoba abeseka uMntwana uSimakade kaZwelithini bethi ngeke balubhade emhlanganweni wokubuyisana obizwe yiSilo uMisuzulu kaZwelithini, becabanga nokuphonsela inselelo isinqumo senkantolo esivuna ukuqokwa kweNdlulamithi.

Abeseka uMntwana uSimakade bathe ngeke balubhade emhlanganweni wokubuyisana ozokuba sesigodlweni eMashobeni, oPhongolo, ngeSonto elizayo.

Umhlangano wazo zonke izindlu zaseNdlunkulu kaZulu ubizwe yiMbube emva kokuba iNkantolo yamaCala aDlulisiwe inqume ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, walandela yonke imigomo ngesikhathi evuma ukuqokwa kwayo ngo-2022.

Okhulumela abeseka uMntwana uSimakade, uMntwana uThokozani Zulu, uthe ngeke baye emhlanganweni wangeSonto elizayo, ngoba basamile ekutheni uMntwana uSimakade nguyena ofanelwe ukuhlala esihlalweni sobukhosi.

UMntwana uThokozani uthe kabasoze bamukela iNdlulamithi ayisole ngokuthi imele umalume wayo, iNgonyama uMswati.

"Njengoba iNgonyama uZondamagwala, engamenyiwe lapho, thina sizokuthi siyokwenzani lapho? Ngoba thina silandela yena. Hhayi ukuba simlandela ngoba simthanda, ingoba samqoka ngoba kumfanele ngokwesigaba. Futhi thina sikholelwa ukuthi simele ubungcwele besihlalo ngoba impi yethu ingekamoya. Akuyona eyamanga. Angithi nje ukuba sihamba nomoya ngabe sesiyancetheza lapha. Ngeke sikwenze lokho!

"UMamonga (iSilo uDinuzulu kaCetshwayo) washo wathi ngeke akhonze kwaSoshangane, nathi ngeke sikhonze kwaNgwane. Ngeke siyokhonza kuMswati nalo omumele lapha KwaZulu ngoba lokho kungasho ukuthi sithengisa ngokuthi singobani. Ngabe sithengisa ngegazi labantu abafayo belwela lesi sihlalo."

UMntwana uThokozani uthe kade yayiba khona eminye imizamo yokuba kuxoxwe athe yabhuntshiswa ukungafiki kwabeseka iNdlulamithi, wathi kunomhlangano obekufanele ube ngoJuni 24, owagcina ungahlalanga ngenxa yokungafiki kwabeseka iNdlulamithi.

"Kwathiwa ukube khona ikomiti labantwana elizokhuluma izindaba zasekhaya. Kulelo komiti kwakuzokuba khona abahlanu ngasohlangothini lukaZondamagwala, kube abahlanu ngasohlangothini lweNdlulamithi. Kwaphelelaphi lokho? Thina asizwani namanga."

ISILO uMisuzulu kaZwelithini

Image: KZN DSAC/ Sphamandla Mbhele

UMntwana uThokozani ukhale nangokuthi abantwana abazange bamenywe ngendlela ehloniphekile kulo mhlangano.

"Inhlonipho ingenye yezinsika zeNdlunkulu kaZulu. Awukwazi ukuyomema indlunkulu ezinkundleni zokuxhumana nasemaphepheni. Kuqala, kwakuphuma izigijimi, kuphuma izinduna, ziye emizini yabantwana. Kwahamba kwashintsha, kwalotshwa izincwadi. Sekulula kakhulu ke manje njengoba sekukhona ezobuchwepheshe. Usuvele uthumele."

UMntwana uThokozani uthe abasamukeli isinqumo senkantolo.

"Sikhuluma nabameli beNgonyama, bacubungula isinqumo senkantolo. Bacubungula ukuthi imuphi umgudu okumele uthathwe. Lokho kufaka nokudlulisela icala eNkantolo yoMthethosisekelo."

UMNTWANA uSimakade Jackson kaZwelithini osembangweni weSihlalo sobuKhosi bukaZulu

Image: Sigciniwe