Izindaba

Umasipala waseMadlangeni nombhidlango wokufukula ezokuvakasha

Nkosikhona Cele|Published

IMEYA yaseMadlangeni, uMnuz Mzwakhe Buthelezi, ekhuluma ngezinhlelo zabo zokuthuthukiswa kwezokuvakasha

Image: SITHUNYELWE

UFUQA umbhidlango wokuthuthukisa ezokuvakasha ngenhloso yokudoba abatshalimali, uMasipala waseMadlangeni.

LAPHA bekungesikhathi kuqhubeka idili lomculo ebelihlelwe eMadlangeni

Image: SITHUNYELWE

Lokhu kudalulwe yimeya kulo masipala, uMnuz Mzwakhe Buthelezi.

Ubekade ethula izinhlelo lo masipala onazo zokudoba abatshalimali nokuthuthukisa ezokuvakasha obekulumbaniswe nedili lomculo.

UButhelezi uthe yize bewumasipala osemakhaya kodwa ukholwa wukuthi kukhona abangakwenza ngenhloso yokuthuthukisa ezokuvakasha, wathi okuseqhulwini njengamanje ukuthuthukisa iGame Park ekhona kule ndawo, iBalele. Kule ndawo kukhona izindawo zokulala, kukhona nedamu.

"Sikholwa wukuthi le ndawo yethu uma sesiqedile ukuyithuthukisa izolekelela kakhulu ekutheni sidobe abatshalimali kuphinde kuthuthuke nezokuvakasha. Sihlose ukuthi le ndawo ikwazi ukuthi idobe nezivakashi eziqhamuka kwezinye izingxenye zesifundazwe iKwaZulu-Natal,'' usho kanjena.

Eqhuba uthe le ndawo isivele isiqalile ukuthi ibenzele inzuzo ebhekile. Leyo mali uthe izophinde iklame indima enkulu ekuphuthunyisweni kwezidingo zomphakathi.

''Kukhona konke esikwenzayo, asikulibali ukuthi kumele nakanjani lingenzeki iphutha lokuthi izidingo zomphakathi zigcine zingazange zifinyelele kubona ngendlela efanele," usho kanjena.

Mayelana nokudaleka kwamathuba emisebenzi, uthe uma ezokuvakasha zithuthuka nankanjani azoba yindathane amathuba emisebenzi azogcina esedaleka.

Ziningi ezinye izinhlelo ezihlabahlosile uButhelezi athe bazoqinisekisa ukuthi ziyenzeka ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi le ndawo ibalwa nezinye ezikwaziyo ukuheha abavakashi KwaZulu-Natal.

''Sifuna ukuthi uma kukhulunywa ngezokuvakasha lingasali ngaphandle igama laseMadlangeni kodwa konke kuncike ekutheni sizimisele kangakanani ngokuthi lokhu kwenzeke,'' usho kanje.