IMEYA yaKwaDukuza uMnuz Siduduzo Gumede ikhuluma ngodaba lwezinhlekelele
Image: SITHUNYELWE
IFUNA kube khona okwenziwayo ngenhloso yokubhekana ngqo nenkinga yezinhlekelele eziye zibangelwe wukuguquguquka kwesimo sezulu iMeya yaKwaDukuza, uMnuz Siduduzo Gumede.
UGumede ubekhuluma ngesikhathi ehambele esikoleni eBhekamuzi Secondary, KwaDukuza ehambisana nabakwaSalga nabeminye iminyango.
''Sike sabona isimo esibi lapha KwaDukuza ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu. Okubi wukuthi lokhu kugcine kulimaza ingqalasiziunda yethu okubandakanya imigwaqo, izindlu kanye nezikole,'' usho kanjena.
UGumede uthe bafuna ukuba nobudlelwane nabeminyango yeziNhlekelele ngenhloso yokunqanda lesi simo singaphindi sikhahlameze le ndawo.
UGumede ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule yonakale kakhulu ingqalasizinda yaKwaDukuza ngenxa yezinhlekelele okwavela ukuthi zidalwa wukuguquguquka kwesimo sezulu. Uthe bazimisele ngokusebenzisana nabezomlilo.
"Ayikho into emqoka njengokusebenzisana uma kukhulunywa ngezimo ezifuze lezi,'' kusho uGumede.
Ukugcizelele ukuthi kuseqhulwini ukuthi kube khona okwenziwayo ukuze umphakathi uthole ukuvikeleka ezinhlekeleleni. Ugcizelele ukuthi samkhathaza kakhulu isimo esabonakala kule ndawo ngenxa yokuguquka kwesimo sezulu. "Uyabona kusuke sekunzima kakhulu uma sekucekeleka namabhuloho kanjalo nemizi yabantu. Yingakho sikholwa wukuthi kumele sibhukule ngenhloso yokubhekana nalesi simo,'' kusho uGumede.
Uthe okubi wukuthi kuye kudingeke kuqalwe phansi kuphume imali okumele isetshenziselwe ukulungisa kabusha okonakele. Ukhulume nangokubaluleka kokuqoqwa kwemfucuza wathi nakho kubuye kube neqhaza ekudalekeni kwezinhlekelele kungenasidingo. UNksz Xoli Dube obhekele uPhiko lweziNhlekelele kwaSalga uthe kulolu phiko beseka kakhulu omasipala abehlukene uma bebhekene nenkinga yezinhlekelele.
Uthe ngaphambi kwalokho baye baqale babahlomise ngolwazi olumqoka mayelana nokugwema izinhlekelele. ''Sihambela kakhulu imiphakathi ikakhulukazi le esijwayele ukuthi ihlaselwe yinkinga yezinhlekelele. Namhlanje sithe asize lapha siqale sifundise nabafundi ngoba siyazi ukuthi uma sifundisa abafundi lokho kusho ukuthi lokhu kuzogwemeka ngokuhamba kwesikhathi,'' kuchaza yena.
Uthe bafuqa umbhidlango wokuhambela izingxenye ezahlukene ngenhloso yokufundisa kabanzi ngenkinga yezinhlekelele ezidalwa wukuguquka kwesimo sezulu.
Uveze ukuthi u-Okthoba bahlose ukuwusebenzisela kakhulu ukufuqa umbhidlango wokufundisa imiphakathi ngezinhlekelele ezahlukene.
Uthishanhloko wakulesi sikole, uMnuz Thando Ndebele, uthe kumqoka kakhulu ukuba uhlelo lokufundisa ngezinhlekelele nokuguquka kwesimo sezulu lufuqwe nasezikoleni kufundiswe abantwana..