Isikhulu semfundo eyisisekelo eKZN uMnuz Nkosinathi Ngcobo
Image: KZN Education
BANGASALA bengenathisha abafundi basezikoleni ezisemakhaya nezingenayo imali uma bedilizwa noma kuncishiswa isibalo sothisha eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, ngenxa yenkinga yokushoda kwemali.
Lokhu kuvezwe yinhloko yomnyango, uMnuz Nkosinathi Ngcobo, iphendula imibuzo yamalungu ekomiti elibhekele ukusebenza kwezezimali, iStanding Committee on Public Accounts (Scopa), esiShayamthetho eMgungundlovu.
UNgcobo uthe badinga ukufakelwa uchatha esabelweni somnyango ukuze bakwazi ukubhekana nazo zonke izidingo.
"Uma sinciphisa othisha noma sibadiliza, kunezifundo ezingeke zifundwe. Izikole ezimi kahle zingakwazi ukuqasha abanye othisha uma sibanciphisa. Ezidonsa kanzima nezisemakhaya, zingasala zingenabo othisha ngenxa yokuthi azinayo enye indlela yokuthola imali," kusho uNgcobo.
Uthe minyaka yonke siyanda isibalo sabafundi ekubeni esothisha isibalo sisami kanjalo.
Ubalule ukuthi abakwazi ukudiliza noma ukwehlisa isibalo sothisha ngoba kungadala enkulu inkinga.
"Sisami esibalweni sothisha abangu-90 057 kusuka ngo-2008 emnyangweni. Abafundi bakhula minyaka yonke, kushintsha nezifundo kungena ezintsha kodwa asinyuki isibalo sothisha. Kumele ngabe sinabasebenzi abangu-15 000 basemahhovisi kodwa abakhona bangu-9 000, okusho ukuthi sishoda ngabalelwa ku-6 000," kusho uNgcobo.
Kwayona eyokungehliswa kwesibalo sothisha kwenziwa ngukuthi zala ukhasha izinyunyana zothisha zithi lingawa licoshwe zinkukhu ukuthi kungancishiswa noma kudilizwe abasebenzi.
Ukhale ngokuthi inkulu imali eyehliswe esabelweni sabo eminyakeni edlule.
"Uma sibala eminyakeni emithathu edlule, sesibanjelwe u-R26 billion esabelweni. Sidinga ukuthi ibuye enye imali kule mali, asisho ukuthi ayibuye yonke kodwa akuye noma ingxenye ukuze singasebenzisi ngokweqile imali."
Uthe vele ingxenye enkulu yemali yomnyango iya emaholweni abasebenzi, iningi labo okungothisha.
Uveze nokuthi kunezifundo okumele ngabe bazifuqa ngokugcwele ezikoleni kodwa abakwazi ngenxa yezinselelo zemali.
"Kunezifundo iCoding and Robotics esingakwazi ukuzifuqa ngendlela esithanda ngayo ngoba zidinga ingcosana yabafundi. Imali kayikho ngakho asikwazi ukusifuqa ngendlela esithanda ngayo," kusho uNgcobo.
Indaba yokungafuqwa kwalesi sifundo ngendlela efanele ikhalise nelungu leqembu uMkhonto weSizwe, uMnuz Mervyn Dirks.
Uthe iyamkhathaza eyokuthi kwezinye izikole ezinezinsiza ziyakwazi ukufundisa lezi zifundo ngempumelelo kodwa kwezishoda ngezinsiza kunzima.
"Lokhu kusho ukuthi akukho ukulingana kwabafundi kwezemfundo esifundazweni ngenxa yokuthi abanye abafundi bayakwazi ukufunda noma yiziphi izifundo, abanye abakwazi. Kumele umnyango usazise ukuthi singawusiza kanjani siyiScopa."
UNgcobo uthe babeke isimo njengoba sinjalo kuleli komiti ngoba abafuni kube khona okuthiwa bayakufihla.
Amalungu ekomiti aveze ukuthi ayazwelana nomnyango ngalezi zinselelo obhekene nazo.
Related Topics: