Izindaba

Bayatetema abe-ANC abaphucwe uMkhanyakude - Hlabisa

Sabelo Nsele|Published

UMHOLI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa

Image: Facebook/IFP

UMHOLI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthi akhalela ubala amalungu e-ANC akhonondela ukuphucwa uMasipala wesiFunda uMkhanyakude.

UHlabisa uthe kwasekuqaleni, kwaba yiphutha ukuthi i-ANC iphathe lo mkhandlu ngoba kwanqoba i-IFP ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya olwedlule.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba abebehambele umcimbi wokugubha iminyaka engu-50 kwasungulwa i-IFP obuseGoli, ngoMgqibelo.

I-IFP isanda kukhipha ubuholi be-ANC obese buphathe eMkhanyakude iminyaka emine.

Imeya ye-ANC, uMnuz Siphile Mdaka, nosomlomo, uMnuz Solomon Mkhombo, bakhishwe ngevoti lokungabethembi ubuholi babo maqede kwangena amakhansela e-IFP ezikhundleni, uMnuz Comfort Khumalo noMnuz Pat Madlopha.

Ukukhishwa kobuholi be-ANC kudunge ubudlelwano be-IFP ne-ANC KwaZulu-Natal, kangangoba i-ANC ize yabuyisa izinduku ngokweseka isiphakamiso se-ABC sokukhipha ubuholi be-IFP kuMasipala waseMvoti.

Kunekhwelo elenziwe i-ANC Youth League, lokuba i-ANC ihoxe kuhulumeni wokubambisna ophethe iKwaZulu-Natal.

Kwenzeka konke lokhu nje, iqembu eliphikisayo esiShayamthetho, i-MK, lifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli.

Kepha uHlabisa unxuse abe-ANC ukuba beze etafuleni lezingxoxo uma kukhona abangakuboni kahle.

"Uma nishadile nomuntu vele kuyenzeka kube nezinkinga. Into ebalulekile ukuthi uma kunezinkinga nixoxe. Sinaso isixazululo kule nto. Ayikho into okufanele abantu bakhathazeke ngayo. Kunezingxoxo eziqhubekayo ngodaba laKwaZulu-Natal."

UHlabisa uthe bekuyiphutha ukungaphathi kwe-IFP eMkhanyakude ekubeni kuyiyo eyathola amavoti amaningi okhethweni olwedlule.

"Sonke siyazi ukuthi eMkhanyakude kwanqoba i-IFP ngo-2016. Ngebhadi umasipala waphathwa i-ANC iminyaka emihlanu yonke. Ngokhetho lwango-2021, kwaphinda kwanqoba i-IFP eMkhanyakude. Kwenzeka into embi ngesikhathi kubalwa kuMasipala waseMtubatuba. Leli phutha laholela ekutheni kuphathe i-ANC eMkhanyakude. Ubuholi be-ANC nabo buyazi ukuthi kwanqoba i-IFP eMkhanyakude. Akubona ubulungiswa uma umasipala uzoqhubeka uphethwe i-ANC. Lokhu kuphambene nentando yeningi. Ngokwentando yeningi iqembu elithole amavoti amaningi yilona okufanele liphathe."

UHlabisa uthe bazoqhubeka nemigubho yeminyaka ewu-50 kwasungulwa i-IFP ngomcimbi ozokuba ngoDisemba 13.

UHlabisa uthe emva kwalo mcimbi, bazokube sebeqala amalungiselelo okhetho lohulumeni basekhaya, wathi i-IFP izophinde izidlele amahlanga komasipala baKwaZulu-Natal.

Uthe akubakhathazi ukwenza kahle kwe-MK KwaZulu-Natal okhethweni lukazwelonke lwangonyaka owedlule.