UDLUBHEKE ozofaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseNquthu, ngoMsombuluko
Image: FACEBOOK
KUZOCACA ngoMsombuluko ngekusasa lomculi kamaskandi, uBukelani "Dlubheke" Khuzwayo, njengoba ezofaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseNquthu. Lo mculi wodumo lwengoma ethi Impi Yamatekisi ubevele kule nkantolo ngoMsombuluko ngamacala amabili okubulala namanye amabili okuzama ukubulala.
Isolezwe Ngempelasonto lathola ukuthi uDlubheke wazinikela yena emaphoyiseni aseDurban North, ngoLwesihlanu olwedlule, ngoba eselunywe indlebe ngokuthi uphiko lwamaphoyisa i-NIU lumfuna phansi phezulu.
Uthungathwa nje uDlubheke, amaphoyisa aseGauteng abekade edubule abulala uZamani Ngila Ximba waseQhudeni, esigamekweni esenzeke eDuduza, Ekurhuleni, ngoLwesine olwedlule, ngo-12 ebusuku. UXimba ubesolwa ngokubhuqabhuqa ngenhlamvu abantu, okukhona kubo nowayeyilungu elimele iNkatha ePhalamende, uMnuz Khethamabala Petros Sithole (67).
USithole wabulawa ngokudutshulwa ehostela iBuyafuthi, eKatlehong, ngoMeyi, eyokhuza ukubulalana kwabantu baseQhudeni. Ekuqaleni kwesonto, isitatimende samaphoyisa aKwaZulu-Natal, sithe ukuboshwa kukaDlubheke kumayelana nesigameko esenzeka ngoNovemba 12, 2023, sokuhlaselwa kwamadoda amane akwaSithole eQhudeni, ayesemotweni emhlophe eliqhamukisa eNtinini, eBabanango, elibangise emakhaya.
"Ngesikhathi edlula eMpukunyoni, kusolwa ukuthi avinjwa wumsolwa, ababekhuluma naye ngesikhathi besendleleni. Ngesikhathi imoto seyizokuma, umsolwa waqala wavulela ngenhlamvu, ebhekise kubagilwa, kwathi umshayeli wahluleka ukulawula imoto yagcina seyiphaphalaza."
Siqhuba isitatimende, sithe abagilwa ababili basindiswa ukubaleka endaweni yesigameko, kwathi abanye bagcina bedlulile emhlabeni ngenxa yokulimala kabi.
Kwenzeka lokhu nje, uDlubheke ubesanda kuveza ukuthi usephilisa okwenyamazane ngenxa yokubona engaphephile.
Le nsizwa yakhala ngokudeze iyamaniswa nezigameko zokubulawa kwabantu, kokunye ize iboshwe kodwa kungenzeki igcine ibekwe icala.
Ekhuluma kwiClean Governance Podcast, uDlubheke wasola abantu bangakubo athi bamqhatha nabaseMsinga naseTembisa. Uthe useke wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngoba esolwa ekubulaweni kwabantu abangaphezu kweshumi.
Echaza, wathi udaba lwaqala ngo-Okthoba 2023, njengoba esefika kulesi sinqumo.
"Sasihleli nje esitolo siziphuzela. Mina ngiwumuntu obuye azishayele otshwaleni. Sasiphuza negenge yakhona endaweni nomzala. Sasila ko-5, siphuza etafuleni lethu. Kwangena ucingo ngabo-6 ntambama."
Uthe kukhona owashaya ucingo wathi akuvalwe esitolo futhi kutshelwe yena noLolo Sibiya ukuba basuke ngoba bazohlaselwa. Uqhube wathi wahamba noSibiya kodwa yena wangaya ekhaya, kwathi uSibiya waya kubo ngoba wayefuna ukuyolala ekhaya.
"Wathi uma engena ebaleni sasuka isidumo. Wathi edutshulwa lapho uSibiya wabaleka wangena endlini. Kwabulawa umkakhe nezingane zakhe ezimbili ngokulamana kwazo."
UDlubheke uthe uSibiya wasinda kuleso sibhicongo. Uthe emuva kwesonto, kwathiwa nguye owaletha abantu abavala ngehlahla emndenini kaSibiya.
"Okuyilapho kuqale khona inkinga KwaNgqulu, ngoba kwalimala (kwashona) abantu abangu-11. Kulaba bantu abawu-11 ngumzala kuphela engingabalwanga ukuthi ubulawe yimi. Bonke laba bantu, kwakuhlangene amadoda endawo athize, akhanda le nto ukuthi yonke le nto ayifuculelwe kwaKhuzwayo."
Wathi wakhonjwa ngomunwe ebusweni kwathiwa nguye uDlubheke obulale izingane. "Ngenhlanhla leyo, amaphoyisa azibamba zonke izigebengu ezibulale lezo zingane. Aliveli nangomfantu igama lami kulezi zigebengu. Omunye wazo usegwetshiwe, abanye basahamba icala."
Uthe nakuba kunjalo, kusathiwa nguye owabulala laba bantu kangangoba sekuhlaselwe kubo amahlandla amaningi, kwaze kwadutshulwa noyise, uShobeni Khuzwayo weZingane Zoma futhi kwashiswa imoto. UDlubheke wathi ngolunye usuku evakashele abafowabo eVosloorus, eGauteng, wahlaselwa ngabantu bangakubo angaxabene nabo kodwa wasinda ngokulambisa.
"Babuya sebengibamba ngamaphoyisa khona lapho. Bangigxoba namaphoyisa kwajika ilanga. Amaphoyisa ayengithathe ngecala lokuthi ngabulala omunye umuntu wakwaNgcobo. Ngathi lo muntu ngangizwana naye kodwa wabulawa ngiseMobeni Heights, eThekwini."
Wathi waboshwa wagqunywa izinyanga ezintathu esitokisini saseBoksburg. Uthe akugcinanga lapho kodwa kwabuye kwafika amaphoyisa namanye amacala aseTembisa, waboshwa wadedelwa. Yize udlame lwaKwaNgqulu selwakhuzwa kodwa uthe kusalokhu kukhonjwa yena uma kufa umuntu njengababulawe eFaraday.
Wathi usebuye wakhonjwa ekubulaweni kukaSithole ehostela eBuyafuthi, eKatlehong, kangangoba amaphoyisa aseke ahlasela epulazini likayise, kanjalo nakubo ngoba emsola ngokuthi ufihle omunye umsolwa.
Wathi nakulesi sigameko ubhecwa ngobende ngoba senzeka yena eyozingela eMpumalanga, futhi kunobufakazi.