Izindaba

ITheku lilindele uR341 million ezivakashini ngamaholidi kaDisemba

Simangaliso Ntshangase|Published

USIHLALO weKomiti lokuThuthukisa uMnotho nezokuHlela eThekwini, ikhansela uThembo Ntuli esemcimbini wokwethula izinhlelo zokuvakasha eThekwini, obuse-Isithumba Adventure Park & Travel, KwaXimba, entshonalanga yeTheku ngoLwesine

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

KUBHEKWE ukuthi izivakashi ezizoza eThekwini ngala maholidi okuphela konyaka zisebenzise imali elinganiselwa kuR341 million, okuzosiza kakhulu ukuqhubeka kufukule umnotho bese kuzinza nemboni yezokuvakasha kuleli dolobha.

Lokho kushiwo nguSihlalo weKomiti lokuThuthukisa uMnotho nezokuHlela eThekwini, ikhansela uThembo Ntuli ngenkathi ethula inkulumo yosuku emcimbini wokwethula izinhlelo zokuvakasha zokuphela konyaka, obuwenziwe nguMasipala weTheku noPhiko lwezokuVakasha eThekwini obusendaweni yezokuvakasha Isithumba Adventure Park & Travel, KwaXimba, entshonalanga yeTheku.

Enkulumweni yakhe yosuku, uNtuli udalule nokuthi isiqubulo sabo somkhankaso wabo wezokuvakasha wangalesi sikhathi sokuphela konyaka sithi Endless Wave of Trinquility, okusho ukuthi bazokhuthaza abantu ukuvakashela izindawo ezizokwenza ukuthi babe nokuthula emoyeni nasemphefumulweni.

"Yingakho nalo mcimbi siwenzele kule ndawo yezokuvakasha esemakhaya futhi okwaziwayo ukuthi ingenye yezindawo okuthi uma uyivakashele ube nokuthula emoyeni, ngoba senzela ukuveza ngokuphelele umbono esihlose ukuwufeza wokuthi abantu bangagxili ezindaweni eziwubukhazikhazi kuphela uma bevakasha, kepha bakhuthalele ukuvakashela nalezi ezinjena, othola ukuthi azinakekile ekubeni kukuningi okuhle ongakuthola kuzona," kusho uNtuli.

Eqhuba, uthe uma konke kuhambe ngendlela abahlela nabafisa ngayo - balindele ukuthi zibe ngaphezu kuka-1.3 million izivakashi ezizoza eThekwini ngalesi sikhathi, okuzosiza kakhulu ukuthi kwakheke amathuba omsebenzi angaphezu kuka-15 000 embonini yezokuvakasha.

"Lokho kuzosisiza ngokuthi kungene imali ewuR845 million emnothweni wedolobha lethu, kungenise imali ewuR630 million ezoqoqwa ngentela, okukhombisa ngokusobala ukuthi imboni yezokuvakasha isiza kangakanani ukufukula umnotho nokuletha amathuba okuphila nawokuthuthuka ebantwini bakithi. Kanti futhi ngiyaqinisekisa ukuthi emabhishi ethu awu-23, linye kuphela elingasebenzi, wonke lawa angu-22 asebenza ngendlela efanele, okuzokwenza ukuthi abantu abazosivakashela bajabule baze badele," usho kanje.

Uthe futhi bajabule nangokuthi izobe ikhona imicimbi eyahlukene okwaziwayo ukuthi ihlale ijabulisa abantu abakhonze ubumnandi okukhona kuyona iGagasi FM Beach Fest, iFact Durban Rocks, i-INK Festival, i-Anywhere in Your City neminye eminingi.

USihlalo we-1000 Hills Tourism, uMnuz Carl de Heer uthe bakujabulele kakhulu ukuthi lo mkhankaso wenzelwe kwenye yezindawo zokuvakasha abahlale beqhakambisa ukuthi zaziwe abantui ngenxa yobumqoka bazo embonini yezokuvakasha.

"Sinenkolelo yokuthi izindawo zokuvakasha ezisezindaweni zasemakhaya nasemalokishini nazo zidinga ukuqhakanjiswa kakhulu ukuze kubonakale iqhaza elihle kangaka ezilibambayo endimeni yezokuvakasha. Ngakho ngiphosa inselelo yokuthi kubanjiswane nezindawo ezinjengeSithumba ukwenza umehluko kwezokuvakasha," kusho u-de Heer.

Lo mcimbi ubuhanjelwe yizikhulu ezahlukene kuMasipala weTheku nezokuvakasha okubalwa nePhini loMqondisi wezokuVakasha eThekwini uNkk Winile Mntungwa, abahleli bemicimbi abehlukene,nosaziwayo bemboni yobumnandi oDJ HappyGal weGagasi FM, uJ Tira, Dladla Mshunqisi noSimo Nzama obephethe uhlelo lomcimbi.