UMAWHOO uthi akamfuni nalapho ehambe khona uLil Wayne
Image: FACEBOOK
UMCULI wamapiano, uThandeka "Mawhoo" Ngema, ugonyuluke ngokumenza angamqomi umrepha waphesheya kwezilwandle, uDwayne Michael Carter Jr odume ngelikaLil Wayne (43). Uthe nakuba exoxa nanoWilliam Leonard Roberts II (49) onguRick Ross kodwa omfuna phansi phezulu nguLil Wayne.
Ekhuluma kwiPodcast yeGagasi FM, uMawhoo (30) uthe akamfuni nalapho ehambe khona uLil Wayne futhi akaboni ukuthi bakhona nabanye besifazane abamthandayo. Eqhubeka uMawhoo waseShowe, uthe okumenza angabashayi ndiva labo mrepha ukuthi useyazi kakhulu ngokuziphatha kwamaciko esilisa asendimeni yomculo.
"Abafana endimeni yomculo bayathanda ukushelana. Ungabaqomi kodwa sebenzisana nabo." Uthe ungabadinelwa kodwa thola indlela yokubenza bangadikibali ngokuba uhlale umnene kubo.
"Kodwa uze ungalokothi ubavulele imilenze ngoba ungagcina sewulala nanoma wubani ngoba abanye bangasebenzisa lokho."
Uthe umculi wesifazane ugcina esehamba ebhabhabala nabaculi abadumile besilisa ngoba bayatshelana ngaye, nabanye bagcina sebekufuna ucansi uma udinga ukwenza ingoma nabo. Yize kwiPodcast kaL-tido abala nomrepha uShawn Corey Carter, owaziwa ngoJay-Z kwabamshelayo kodwa uthe kwenzeka iphutha.
"Ngangiqonde uRick Ross." Uthe uRick Ross umculi okukhonzile ukuxoxa nabantu. Kule ngxoxo neGagasi, uMawhoo ubuye wadalula ukuthi uhlela ukukhipha i-albhamu ephelele azogxila kuyo emculweni kamaskandi.
Uthe usebonisene nethimba asebenzisana nalo ukuba aswenke ngebhulukwe likaBrentwood nCarvela bese "engena" amabhinca. Uthe lokhu ukubone ngokuthakaselwa kwengoma ayenza neNkosi Yamagcokama ethi Ibhinca nayenze noMthandeni SK ethi Gucci. Uthe vele yena ukhulele emakhaya etheza izinkuni ehlathini futhi ekha amanzi emfuleni.
Kwenzeka lokhu nje, uMawhoo uqokwe amahlandla amabili kumaFeather Awards XVII emkhakheni weBest Styled Individual lapho eqhathwe khona noKagiso Mogola noMordecai. Waphinda watholana phezulu noNkosazana Daughter kanye noCraig Lucas kwiMusician of The Year. UBusiswa uzohlonishwa ngomklomelo weFag Hag of the Year. Kumunxa weDiva Extraordinaire of the year kuqhathwe uLilian Dube, Kefilwe Mabote noJojo Robinson. KwiHot Chick of the Year kuqhathwe uNatasha Joubert, Luyanda Zuma noCaylene kanti kwiSocial Media Personality of the Year kufakwe uDomici Zaca, Shoun B noThobi Mashitiso bese kwiSports Personality of the Year kutholane phezulu uRefiloe Jane, Andile Dlamini noDirkie Chamberlin. Abawinile bazomenyezelwa ngoNovemba 6.
U-LIL Wayne okuthiwa ushela uMawhoo
Image: SIGCINIWE
UMAWHOO ugonyuluke ngokumenza angamomi uLil Wayne
Image: FACEBOOK
UMAWHOO uthi akamfuni nalapho ehambe khona uLil Wayne
Image: FACEBOOK
UMAWHOO uthi akamfuni nalapho ehambe khona uLil Wayne
Image: FACEBOOK