Izindaba

Sebelahle ithemba abaseMbumbulu ngokugobhoza kwegazi okungami

Nkosikhona Cele|Published

KUKHONA asebecabanga ukufulathela iMbumbulu ngenxa yokwanda kokubulawa kwabantu

Image: SAPS

KABASAZI ukuthi bathatheni bahlanganise nani futhi sebelahle nethemba abahlali baseMbumbulu, ngokugobhoza kwegazi okungasanqadeki kule ndawo.

Lokhu bakutshele Isolezwe ngemuva kokuba kubulawe uMnuz Sphamandla Khomo (44) ngoMgqibelo ntambama.

Kuvela ukuthi umufi uhlaselwe ngabantu abangaziwa esemzini wakhe eMbumbulu. Umthombo uthe ababulali bamlalele unyendle, bamdubula ngesikhathi ehla emotweni yakhe ebuya emsebebenzini.

Owomndeni okhulume neSolezwe okuyindodana kamufi, uMnuz Ayabongwa Khomo, uthe badunguza ebumnyameni ngokuthi kungani uyise ebulewe.

Uthe ubesendlini ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu siphindelela.

"Kunele kwaphela ukuqhuma kwesibhamu sabe sesiphumela ngaphandle ukuyobheka ukuthi kwenzekani. Sibone imoto kababa imi ngasesangweni inezimbobo zokudutshulwa. Ngaleso sikhathi ubesevele ethule ngaphakathi emotweni," echaza.

Ebuzwa ukuthi kukhona akusolayo yini, uthe ngabe uqamba amanga aluhlaza, akukho akwaziyo angathi bekungadala ukuthi uyise agcine esebulawa.

"Kuduma amakhanda kithina sonke lapha ekhaya. Siyazibuza siyaziuphendula ukuthi ngempela kwenzekeni,'' usho kanjena.

Uthe bafuna izimpendulo ngokuthi ngobani ababulele uyise lokho futhi bekwenzelani?

Uveze ukuthi uyise ubesebenza enkampanini yaseThekwini kashukela.

Amalungu omphakathi akhulume neSolezwe, athe asephelelwe ngamagama manje ngegazi eligobhoza lingami eMbumbulu. Alimise ngesihloko elokuthi aselilahlile ithemba ngokuthi bukhona ubulungiswa obuyoke benzeke ngalesi simo. Bacele ukuba agodlwe amagama abo.

''Kwaze kwalukhuni ukuba ngumhlali walapha eMbumbulu. Sesiphila ngokuhlale njalo sithukile. Sesisaba ngisho ukuhamba emini kwabha ngoba asazi ukuthi ubani ocabanga ukukwenza nini. Le nto sengibone kahle angeke iphinde ilungiseke,'' echaza.

Omunye ulimise ngesihloko elokuthi ngonyaka ozayo uqala uyafuduka ngoba akafuni ukulinda amathonzi abanzi.
"Akucaci ukuthi kubulawa umuntu owenzeni, kubani. Yingakho ngibona ukuthi nami angimane ngizihambele ngingaze ngithelwe amathonsi,'' echaza.

Omunye uthe yena asisekho isidingo sokuba angafuduka ngoba egcekeni kubo sekukhishwe izidumbu ezimbili ngenhlamvu. Uthe namanje akukaboshwa muntu futhi abakaze bathole nomkhondo.

Kwenzeka lokhu nje, Isolezwe lisanda kubika ngokubulawa kukaMnuz Zwelibanzi Mchunu (44) waseNtinyane, eMbumbulu, okuthiwa udutshulwe wabulawa esemzini wakhe ngoLwesibili olwedlule.

Kuhlaluke ukuthi uMchunu uhlaselwe ngowesilisa ongaziwa ongabuza lutho, wamdubula washonela khona lapho.

Indodakazi kamufi, uNksz Slindile Mchunu, ikhuluma neSolezwe ngesigameko, izwakalise ukushaqeka ngesihluku okubulawe ngaso uyise.

Kuthiwa bangaphezulu kwabangu-20 abantu baseMbumbulu ababulawe ngokudutshulwa esikhathini esingangonyaka.

Ngenxa yokudideka kuke kwaba nesikhathi lapho abantu bakule ndawo babecabanga ukuthi izigameko zokugobhoza kwegazi zimayelana nokwebiwa kwemfuyo. Kodwa-ke ngokuhamba kwesikhathi kuchithiwe lokho.

Phambilini, kuke kwaduma ukuthi bonke abendiselwa koyisemkhulu bathola imiyalezo ebasongelayo ngaphambi kokuba basocongwe. Nokho-ke akubikwanga okufanayo odabeni lukaKhomo obulawe ngoMgqibelo.