UMAYOGHURT noBingelela Mpanza abangamathe nolimu
Image: FACEBOOK
BUZOGQAMA njengekati elimhlophe ohlungwini ubudlelwano obuphakathi bomculi kamaskandi uMongezi "Mayoghurt" Jama nomsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza.
Labo saziwayo sebebonakale kaningi ezinkundleni zokuxhumana bekhombisa ukuthi sebengamathe nolimu futhi kwezinye izithombe becambalele emibhedeni. UMayoghurt useke wacela umshado kuBingelela, naye wavuma. Bethintwa yiSolezwe ngalobu budlelwano babo, bakuqinisekisa ukuthi bayathandana. Nakuba kunjalo kodwa abantu basashaya amakhala. Basola ukuthi labo saziwayo bazidlalela isikeshi ukuze behlale besemehlweni omphakathi.
Okunye okushayisa amakhala ngalolu thando ukuthi uMayoghurt waseMzimkhulu, uneminyaka engu-24 ekubeni uBingelela wakwaNongoma unewu-34, okusho ukuthi bashiyana ngeminyaka elishumi. Yize uBingelela esenabo abantwana kodwa uMayoghurt ubengakabusiswa ngabo.
UMAYOGHURT noBingelela Mpanza abangamathe nolimu
Image: FACEBOOK
UMayoghurt, obuye abizwe ngeBliss kaZwelonke, uthe konke kuzohlala obala ohlelweni lwethelevishini olukhuza ibuya kuMzansi Magic iShort & Sweet. Uthe abantu bazoqala ukwazi kahle ngobudlelwano bakhe nalo msakazi kaSigiya Ngengoma neSigqi Sase-Afrika kusukela ngoLwesine lwangoNovemba 6 ngo-8 ebusuku, emsakazweni uKhozi FM.
"Okunye abantu abazobe beqala ukukwazi ngami ukuthi ngibuye ngibe wumshayi wesibhakela."
UMayoghurt uzobonakala kwiSeason 3 walolu hlelo nosomatekisi waseNquthu, uThandazani Kubheka (31) noVuyokazi "Vovo" Nguqu (40), noZandile Cele (29). Abazobonakala okokuqala ngoTebogo Shayi (31) noDimakatso Mathekga (31).
UMayoghurt ubonge kakhulu abadidiyeli balolu hlelo ngokumnikeza elinye ithuba lokubamba iqhaza. Mayelana nomculo, uMayoghurt uthe khona maduze uzokhipha umucu awenze ngokuhlanganyela neqembu elibiza ngoShuni Wasemzini, osihloko sithi EDubai.
UMAYOGHURT noBingelela Mpanza abangamathe nolimu
Image: FACEBOOK
Lo mculi ungomunye wabazobe benandisa kwi-4th Gcwalisa Spring Picnic: All White eHollywood Bets Kings Park eThekwini, ngoNovemba 8. Uzobe eshiyelana inkundla nabaculi abaningi abanjengoNkosazana Daughter, Khuzani, Naledi Aphiwe, Vusi Nova, DJ Tira, uMafikizolo, Eemoh, Kamo Mphela, Q Twins, Somizi Mhlongo, AmaLegends, Imithente, Felix Hlophe, Zimdollar, Dumi Mkokstad nabanye.
UMAYOGHURT noBingelela Mpanza abangamathe nolimu
Image: FACEBOOK
UMAYOGHURT noBingelela Mpanza abangamathe nolimu
Image: FACEBOOK
UMAYOGHURT noBingelela Mpanza abangamathe nolimu
Image: FACEBOOK
UMAYOGHURT noBingelela Mpanza abangamathe nolimu
Image: FACEBOOK
UMAYOGHURT noBingelela Mpanza abangamathe nolimu
Image: FACEBOOK
UMAYOGHURT noBingelela Mpanza abangamathe nolimu
Image: FACEBOOK