ABADLWANE beBhova
Image: FACEBOOK
ISIHLOKO: Uzele Insizwa
UMCULI: Abadlwane BeBhova
UHLOBO: Maskandi
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
LELI yiqembu elakhiwe ngamadodana engwazi yomculo kamaskandi engasekho neyayibeka induku ebandla uMgqumeni "Ibhova LikaDikadika" Khumalo, okunguSimiselo ozalwa nguMaMbatha noLusanda Khumalo ozalwa wuMaXulu.
Ngingasho ukuthi Abadlwane Bebhova basungulwe ngo-2023. Ngaleso sikhathi bekuwuLusanda nezinye izinsizwa ekhaveni njengoba kulo nyaka bebuye sekunamadodana eBhova ngqo. Engikuphawulile ukuthi engomeni ethi Igama Lami lezi zinsizwa zibophele nenye yamadodakazi kaMgqumeni, Ibhovakazi. Abaningi bazolikhumbula Ibhovakazi eZintombini ZikaMgqumeni.
Kwezinye izingoma leli qembu ligijima noG Jealous eculweni elithi Fusegi Sthandwa, uMjolisi naMawele Odumo kwethi Ngivumele, uMajimiza kwethi Utshwalla Nabafana noJaiva Zimnike engomeni ethi Ngizokuceba. Yize zimnandi zonke kodwa engihlabe kakhulu umxhwele ngeyisihloko sale-EP ngenxa yokuthi iyihawu.
NakuMgqumeni ngangichazwa kakhulu yizingoma zehawu. Nalezi zinsizwa zigadle kakhulu koMayoghurt,Jobe Sithole,King Zoso,Navigator Gcwensa, King Nuba,Khaza nabanye. Vele kuyaziwa ukuthi awugcaluzi kumaskandi maqede ungahlangabezani nesibhaxu. Ngiyazi ukuthi iningi labantu bazoyithakasela eyothando ethi Ngivumele. Kuhanjwe kakhulu kuyo. Ezinye izingoma ezizochaza abantu abaningi ngezithi Sibanga Idlozi nethi Wawungekho.
Abadlwane Bebhova babophele nasezinsimbini, abagcinanga icala. Esigingcini kukhona Ibhova Elincane, esebhesi sibhambabulwa wuCelumusa "60%" Zuma, ama-keyboard axavathwa wuJayJay Mbuthuma, inkositina ivulwa ivalwa wuMuthiwentombi kaLahlumlenze Nxumalo. Onjiniyela nguMandla Hlongwane noSfundo Khumalo. Ocula phambili Ibhova Elincane, lilekelelwa ngamaphimbo nguSimiselo noJikelele Khumalo.
Abahlabelela ngebhesi nguJikelele noMajimiza. Abdidiyeli baleli cwecwe ngoJaiva Zimnike, uSonakali Zondi,uJikelele noMnyovu. Wonke lomsebenzi udidiyelwe eMabhozeni Studio. Ngamafuphi ngingathi izinsizwa zisebenzile futhi uyalibona ukuthi ikusasa liqhakazile ikakhulukazi kwiBhova Elincane.
Okungenza ngisho kanje ukuthi lihamba ezinyathelweni zeBhova Likadikadika ngokukwazi ukuhola phambili, azibhekhele futhi azidlalele nesigingci. Sekusele ukuba aziphrojuse. Kuyasho ukuthi usemnkantshubomvu kule ndima.