Usale enkundleni obedubulana namaphoyisa eCator Manor
Image: Sigciniwe
Umsolwa oneminyaka engu-20 ubudala obefunelwa icala lokubulala owesilisa owadutshulwa wabulawa ebhulohweni elikuSiyanda Road eWiggins ngomhlaka-12 Okthoba 2025 udutshulwe walimala kabi ngesikhathi sokudubulana namaphoyisa ngoLwesine ntambama.
Amaphoyisa enze umkhankaso wobunhloli owaholele endaweni ehlala abantu kuDark Road, eWiggins, eCato Manor, lapho kukholakala ukuthi umsolwa obefunwa uthuli ubecashe khona. Ngesikhathi amaphoyisa esezongena emagcekeni, umsolwa uvulele ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni amaphoyisa aphindisela ngenhlamvu, kwaqubuka uthuthuva.
Ngesikhathi kudutshulwana umsolwa udutshulwe wafa. Umsolwa utholwe nesibhamu nezinhlamvu ezine.
Ngaphandle kwecala lokubulala uWiggins, umsolwa ubefunelwa uxhaxha lwamacala okugebenga izindlu namabhizinisi okusolakala ukuthi uwenza endaweni yaseCato Manor. Phambilini uke waboshelwa amacala okutholakala nesibhamu esingekho emthethweni ngo-2024 nelokuzama ukubulala ngo-2023. Umsolwa oshonile uke walahlwa yicala lokushaya ngenhloso yokulimaza. Alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi sokudubulana.