Tsakani Maluleke
Image: Independent Newspapers Archives
UMBIKO woMcwaningi Mabhuku Jikelele, uNksz Tsakani Maluleke, uveze ukuthi u-95% wesabelomali saKwaZulu-Natal, usezandleni ezingaphephile njengoba uphethwe iminyango ehlulekayo ukulandela imigomo ebekelwe ukusebenza kwemali yomphakathi.
Umbiko uveze ukuthi iminyango kahulumeni waKwaZulu-Natal eyabelwa u-95% wesabelomali sesifundazwe esingu-R158 billion yehlulekile ukuthola imibiko engenagcobho ngesikhathi kucwaningwa amabhuku angonyakamali owedlule.
Umbiko kaNksz Maluleke owethulwe esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, izolo, udwebe isithombe esingesihle ngokuphathwa kwenkece esifundazweni njengoba sehlile isibalo seminyango ethole imibiko engenagcobho.
UNksz Maluleke uthe iminyango ethole imibiko engenagcobho yabelwa u-5% wesabelomali sesifundazwe.
"Lokhu kusho ukuthi imali eningi iphethwe iminyango ehlulekayo ukulandela imigomo ebekelwe ukusetshenziswa kwemali. Lena yiminyango ehlulekayo ukusebenza ngokwethembeka."
UNksz Maluleke uthe iminyango ethola u-75% wesabelomali, owezeMpilo, nowezeMfundo, iyaqhubeka nokuphefumula ngenxeba.
"Le minyango iyehluleka ukulandela imigomo ebekelwe ukusebenza kwemali. Sekuneminyaka uMnyango wezeMfundo uthola imibiko engemihle. Lo mnyango ubhekene nenkinga yemali, usebenzise isabelo sawo ngokweqile ngo-R500 million.
"UMnyango wezeMpilo nawo uthole umbiko ongemuhle. Umnyango uyehluleka ukulandela imigomo ebekelwe ukusebenzisa imali futhi umnyango uyahluleka ukunakekela impahla nengqalasizinda yawo."
UNksz Maluleke uthe uMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu, uyehluleka ukugcina izethembiso ozenza ekuqaleni konyakamali, wathi ukungalandelwa kwemithetho yokusebenza kwemali ikhona okuholela ekutheni lo mnyango ugcine uhluleka ukufeza izethembiso.
"Ukwehluleka komnyango ukulandela imigomo kwenza ukuthi umnyango ulahlekelwe imali. Umnyango uyahluleka ukugcina izethembiso osuke uzenze ekuqaleni konyaka wezimali."
UMphathiswa wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, uthe kufanele bathathelwe izinyathelo labo abangayilandeli imithetho.
URodgers uthe umnyango wakhe usuqhamuke nohlelo lezobuchwepheshe lokukhishwa kwamathenda.
"Inkinga enkulu ilapha emathendeni. Le nkinga ihlasele iminyango eminingi kanye nezinye izifundazwe. Yingakho siqhamuka nohlelo lwezobuchwepheshe lokukhipha amathenda. Yonke into izokwenziwa ngezobuchwepheshe. Lokhu kuzonciphisa inkohlakalo njengoba kuzokube kungesebona abantu abazokube beqoka izinkampani ezizonikwa amathenda."
Ilungu le-MK, uMnuz Sthembiso Magubane, lithe kufanele kuqhanyukwe nezindlela zokunqanda osopolitiki ukuba bagxambukele ekukhishweni kwamathenda.
"Inkinga enkulu idalwa ukugxambukela kosopolitiki. Osopolitiki yibona abalawulayo, abashoyo ukuthi amathenda kufanele anikezwe ziphi izinkampani. Izikhulu ziyasaba ukuphikisana nosopolitiki ngoba ziyazi ukuthi zizoxoshwa emsebenzini."
Related Topics: