Izindaba

Isinqumo ngommeli wenkabi ebhekene namacala angu-28

Nkosikhona Cele|Published

LIZOKHIPHA isinqumo ngo-Okthoba 31, iJaji laseNkantolo yaseThekwini mayelana nokungafiki ecaleni kommeli wenkabi ebhekene noxhaxha lwamacala angu-28. Ummeli wenkabi esatshwayo uSibonelo ''Madone'' Shangase kuke kwaba nesikhathi lapho ayengafiki khona enkantolo.

Izolo lo mmeli ubekhona, iJaji uJacqueline Henriques lithe lizokhipha isinqumo ngokuthi kuzokwenzekani kusuka manje kuya phambili mayelana nokwenziwe wummeli. UShangase (33) waboshwa nomngani wakhe uThalente Mkhize (36) babekwa uxhaxha lwamacala. Phambilini kuyona le nkantolo kwavela inqwaba yamagama abantu okusolakala ukuthi babulawa yilaba ababili.

Emacaleni angu-28 kwavela ukuthi babhekene nangu-15 okubulala. Phakathi kwezigameko abasolwa ngokuba ongqondongqondo kuzona kubalwa ukubulawa kwabantu abayisithupha esigamekweni esenzeka eMawoti, eNanda ngo-2022.

Kuleso sigameko kwadutshulwa kwabulawa uWandile Fanaphi (17), Qaphelani Mkhovu (20), Mlondi Getane (22), Mlondi Kunene (25) Phillip Hansa (25) kanye noLindo Sphambo (22).UFanaphi noMkhovu ngesikhathi bedutshulwa babefunda umatric. Lezi zinkabi ziphinde zisolwe ngokusocongwa kukasomabhizinisi wase-Overport, uMnuz Zeyn Moideen owadutshulwa emgwaqweni uBrickfield ngo-2022.

Basolwa nangokuthi baphinde badubula babulala umakhelwane walo somabhizinisi, uShaheed Moodel nokuthiwa kwenzeka ngaphambi kokuba kusocongwe usomabhizinisi. Ngosuku olufanayo basolwa nangokuthi bazama ukubulala owesilisa wakwaSibisi ohlala eNtuzuma. Kuvela nokuthi ngo-2021 bathumba uMnuz Phakamani Cwele bamsusa eNanda baze bayombulalela oLwandle Drive KwaDabeka.

Basolwa nangokuthi yibona ababulala uMnuz Nhlanhla Goge eNanda ngo-Agasti 7, 2021. Yibona futhi abasolwa ngokuba ongqondongqondo ekubulaweni kukaMnuz Njabulo Bongani Shongwe noMnuz Zolani Goodman Mbuthuma nakho okwenzeka eNanda ngoSepthemba 2 ngo-2021.

Kuthiwa basolwa nangokuzama ukubulala ngesikhathi bezama ukubamba inkunzi kuhlonyiwe endaweni yobumnandi eThekwini ngo-2022. Kuleso sigameko kuvela ukuthi baphuca abesilisa ababili izibhamu zohlobo lweNorinco Piston neDeashprod Rifle. Bantshontsha nezinhlamvu ezingu-66. Kuvela nokuthi kunelinye icala lapho uShangase ayehamba khona yedwa, wathatha imali angu-R140 000 esebenzisa indluzula. Ngesikhathi uShangase ekhalelwa ngamaSango kaSigonyela watholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingu-90.