Izindaba

Injabulo emndenini womphathi amaphoyisa ethela othulini obesolwa ngokumsoconga

Zimbili Vilakazi|Published

SAPS

Image: Sigciniwe

KUBE nomuzwa wenjabulo emndenini wowayengumphathi siteshi samaphoyisa eNdwedwe, ukuzwa ukuthi oyedwa wabasolwa abathelwe othulini ngesikhathi idudulana namaphoyisa eWaterfall, eHillcrest, izolo, ngowayethinteka ekubulaweni kukamufi. 

Isigameko sokubulawa kukamphathi siteshi, uLieutenant Colonel Jabulani Ndawonde (56), senzeka ngoMeyi 2021. Wahlaselwa abantu ababehamba ngeloli elincane lokuthwala impahla, okuthiwa ababephakathi bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise emotweni kamufi ngesikhathi bedlula eduze kwayo ihamba ngaserenki yamatekisi eBhamshela. Kuthiwa umufi wayeshayela imoto yakhe ngabo-6.30 sekuhwalala, ephuma emsebenzini ebheke ekhaya. Waphelela endaweni yesigameko. 

Ephawula ngalokhu umfowabo, uMnuz Mbuso Ndawonde, uthe uthole ucingo emaphoyiseni emazisa ngalokhu ngabo-2 ekuseni.

"Kufezeke isisho ethi 'inyoni indiza phezulu kodwa amanzi iwaphuza phansi'. Salahlekelwa kakhulu ngomfowethu. Uma sekuphethe kanje, siyajabula," kusho uNdawonde.

Uqhube wathi inxeba elavuleka emndenini ngokubulawa kukamfowabo, belilokhu lopha.

"Ezinganeni zakhe lusekhona usizi lokuthi uyise akasekho. Njalo uma kade ngiyozibheka izingane, ngibuya ngidangele ngenxa yokucabanga ukuthi yize zingasokole ngokwezidingo kodwa kuyabonakala ukuthi sikhona isikhala sokukhumbula uyise," kusho uNdawonde.

Uthe nakuyena siqu, uselusizi ngokubulawa komfowabo, waveza ukuthi kubo bebeyizelamani zesilisa ezine, bonke bengamaphoyisa. 

"Sebehambe bonke, sengisele ngedwa. Ekhaya kithi, kufakwe izithombe zethu sonke odongeni, uma ngifika ngizibheka, ngizwa ubuhlungu ngoba abasekho bonke," usho kanje.

UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ngesikhathi ekhuluma nabesiteshi sezindaba sethelevishini, i-eNCA endaweni yesigameko, uqinisekise ukuthi oyedwa wabasolwa ubefunelwa uxhaxha lwamacala.

Kuthiwa abasolwa babulawe emva kokuthi bedubule kuqala bebhekise emaphoyiseni ngesikhathi egasela endaweni yesigameko elandela umkhondo ngabo.

Uthe bebesolwa ngamacala okubamba inkunzi okufaka phakathi ngokubanjwa kwezimoto ezithwala imali. Kuthiwa endaweni yesigameko, amaphoyisa athole neziqhumane okuthiwa zisetshenziswa abagilwa uma bebamba lezi zimoto. 

Ngokusho kukaMkhwanazi, oyedwa wabasolwa ubefunelwa uxhaxha lwamacala okubulala.

Uthe abalelwa kwangu-15 amacala okubulala abefunelwa wona, aphinde afunelwe nawokuzama ukubulala abalelwa ku-10.

“Kuwona kukhona nelokubulala umphathi siteshi wasesiteshini samaphoyisa saseNdwedwe kanjalo nelokubulawa kwephoyisa lophiko lwezobunhloli,” kusho uMkhwanazi.

Ekha phezulu nangezinye izingameko umsolwa athe uthinteka kuzona, uMkhwanazi ubale nokuthi kukhona ngisho nesokubulawa kwengane encane.

Uveze ukuthi ubemandla endaweni yaseBhamshela, waze wathi bazoke bathole ukuphumula abantu bakule ndawo.

Enza isibonelo ngesinye sezigameko, uthe wabulala umndeni ongumakhelwane, ebashisa nendlu, edinwe ukuthi imfuyo yakhona idlubulundele yangena emzini wakhe. 

Umchaze njengomsolwa obengenanembeza, waveza ukuthi nakuba ake aboshwa, wabuye wadedelwa kulandela ukuthi ahlanganise ukubulawa kwabo bonke ofakazi ecaleni lakhe khona engaphakathi ejele. 

“Wazama ngisho nokubulala umphenyi wecala,” kusho uMkhwanazi.

Uveze ukuthi ngale kwalokho, ubebuye abe yinkabi eqashwa ukuthi isoconge abantu, waveza nokuthi esikhathini esifishane esidlule, yena nozakwabo baqhumise imoto yemali, bantshontsha izibhamu.