Izindaba

Izikhulu zeminyango yaseKZN zehlise ngemilenze u-R556 million

Sabelo Nsele|Published

Undunankulu uMnuz Thami Ntuli

Image: Independent Newspapers Archives

IZIKHULU zeminyango kahulumeni waKwaZulu-Natal ezithatha ngozwane emalini yokuhambisa izidingo zehlise ngemilenze izigidi zamarandi kunyakamali owedlule.

Umbiko wePublic Service Commission (PSC) uveze ukuthi izikhulu zeminyango ezixebula umkhoma emalini kahulumeni zibhubhudle u-R556 million kunyakamali u-2024/2025.

Lo mbiko wethulwe emhlanganweni wekomiti elibhekele ukusebenza kwemali yomphakathi esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, iStanding Committee on Public Accounts (Scopa), izolo.

Iphini lomqondisi wePSC KwaZulu-Natal, uNksz Yoliswa Mtshali, lithe kunezikhulu zeminyango ehlukene KwaZulu-Natal ezingu-74 ezibhekene namacala okusetshenziswa kwemali ngendlela engafanele.

"Esikhathini esiningi imbangela yokuba iminyango igcine isilahlekelwa yimali engaka wubudedengu kubasebenzi. Kwesinye isikhathi kuba nje wukukhohlakala, ukweba kanye nokusetshenziswa budedengu kwempahla kahulumeni. La macala asho ukuthi imali obekufanele ukuba isetshenziselwe ukuhambisana izidingo kubantu yehliswa ngemilenze. Inkulu kakhulu imali elahlekile. Awukho umnyango osukwazile ukubuyisa imali elahlekile."

UNksz Mtshali uthe bakuqaphelile ukuthi kuneminyango engazange izithathele izinyathelo izikhulu ezithinteka ekusetshenzisweni kwemali ngaphandle kokulandela imigomo.

"Kuneminyango eveze emibikweni yayo ukuthi kunemali esebenze ngaphandle kokulandelwa kwemigomo kodwa uma ubheka abekho abantu abathathelwe izinyathelo. Lokhu kuphambene nokushiwo wumthetho olawula ukuphathwa kwemali iPFMA (Public Finance Management Act)."

UNksz Mtshali uthe bakhathazekile nangokwanda kwezikhulu ezihlala isikhathi eside emakhaya ngenxa yokumiswa emsebenzini.

UNksz Mtshali uthe izigidi zamaRandi ziphuma kuholelwa izikhulu eseziphenduke ojika nelanga.

Uthe umbiko wakamumva abawutholile ukhombisa ukuthi kunezikhulu ezingu-77 KwaZulu-Natal ezimisiwe emsebenzini.

Uthe imali eholelwe abantu abahleli ekhaya ingu-R43 million.

UNksz Mtshali uthe udaba sebelubike kuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, lapho bezwakalise ukungenami kwabo.

"Undunankulu usitshele ukuthi uwudlulisile umyalezo kubo bonke abaphethe iminyango ethintekayo, wathi uselinde umbiko. Uthembisile ukuthi izinhlelo zokuqondisa ubugwegwe zizosheshiswa. Sizogada ukuthi ikhona yini inqubekela phambili kulolu daba."

UNksz Mtshali uthe bafuna ukuthi iminyango ingagijimeli ukumisa abasebenzi bese behlala isikhathi eside ekhaya.

"Siyaye siyigqugquzele iminyango ukuba isebenzise eminye imigudu khona kungeke kuphazamiseke ukuhanjiswa kwezidingo. Enye yezinto iminyango engayenza wukuthi umsebenzi obhekene necala ayosebenzela kwenye indawo esikhundleni sokuba amiswe. Iyinkinga  eyokumiswa kwabasebenzi isikhathi eside ngoba kwesinye isikhathi iminyango igcina seyenza izinto eziphambene nemigomo."