Izindaba

Ifinyelele ku-R4.4 million impahla kaMaMkhize efakwe endalini

Simangaliso Ntshangase|Published

USOMABHIZINISI waseThekwini, uShauwn Mkhize, okuqhubeka uhlelo lokudayisa impahla yakhe ukuze kukhokhwe isikweletu sakhe se-SARS

Image: MUZI NTOMBELA/BACKPAGEPIX

ISIKU-R4.4 million intengo yempahla yezinga eliphezulu yesiqumama, uNksz Shawun Mkhize, ebifakwe endalini ukuthi ithengwe ngabazizwa benamandla okubeka etafuleni imali eningi nenkulu yokuyithenga ngokushesha.

Lokho kudalulwe nguMnuz Pieter Geldenhuys, umqondisi weBidders Choice, inkampani eyengamele uhlelo lokudayisa le mpahla okukhona kuyona izikhwama ezimba eqolo, ubucwebe bezinga eliphezulu nohuntshu lwemoto yohlobo iLamborghini.

"Kuthe kuvulwa uhlelo, zangena zilekanyana izicelo zabantu abafuna ukuthenga le mpahla," usho kanje.

Uhlelo lokudayiswa kwale mpahla kaMaMakhize luza emva kwesinyathelo sophiko lwabezentela ezweni lokudla impahla yakhe ngenxa yezinsolo zokungakhokhi intela.

Kuke kwaba namahemuhemu okuthi okunye kwale mpahla kaMaMkhize kuwumbombayi kepha akubanga njalo ngenkathi sekufakwa endalini, njengoba inqwaba igxume yahlala ifuna ukuthenga ubuthaphuthaphu.

Sekuyisikhathi eside kuqhubeka "izinkinga" zikaMaMkhize, njengoba ebe nenkinga futhi eqenjini lakhe lebhola lezinyawo iRoyal AM, nayo okwatholakala ukuthi akaliphethe ngendlela esemthethweni ngenxa yesikweletu sika-R40 million wentela, okwaze kwaholela ekutheni likhishwe ohlwini lwamaqembu esigaba esiphezulu sebhola iPremier Soccer League.

Kulindeleke ukuthi ukudayiswa kwayo yonke le mpahla kugcine kufinyelele ku-R5 million ozosetshenziswa ukukhokha ingxenye yesikweletu sentela.

Izolo ekuseni bekumi kanjena intengo yempahla ebithengiswa;

- Imoto i-Lamborghini Urus yango-2021 ibihleli ku-R4.3 million, kanti futhi isenganyuka ize ifinyelele ku-R8 million.

- Isikhwama se-Louis Vuitton ebese sibiza u-R20 500.

- Ama-suitcase amabili eLouis Vuitton Zephyr abiza u-R46 000 womabili.

- Isikhwamaa seGucci Floral Ophidisa esibiza u-R11 000, esingagcina sinyukela ku-R19 000.

- Isikhwama sabesifazane seSaint Laurent Icare Maxi esibizwa u-R29 000. 

- Isikhwama sabesifazane seGoyard Red Villette French Bulldog esibiza u-R14 000. 

"Sesithathe zonke izikhwama ezifakwe endalini ukuzihlola nokubheka ukuthi konke kusesimweni esifanele yini ngazo andukuba zidayiswe kulaba abazifunayo abaqhamuka ezweni lonke ngisho nakoRustenburg naseBloemfontein," kusho uGeldenhuys.