Izindaba

USibiya uphike eyokuphazamisa uphenyo lokubulawa kukaMeyiwa

Sabelo Nsele|Published

ULt General Shadrack Sibiya ethula ubufakazi phambi kwekomidi lasePhalamende

Image: Armand

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLieutenant General Shadrack Sibiya, liphike lalala ngomhlane ukuthi laphazamisa uphenyo lokubulawa kukanozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.

USibiya uthe kungamampunge ukuthi wafumbathiswa u-R1 million ukuze adukise umkhondo ngokubulawa kukaMeyiwa owadutshulwa kubo komculi owayeyintombi yakhe, uKelly Khumalo, ngo-2014.

Ukusho lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo phambi kwekomiti lasePhalamende elikhethekile. Bekungokokuqala ukuba uSibiya aphawule ngalezi zinsolo.

Ngesikhathi kubulawa uMeyiwa, uSibiya wayeyinhloko yoKlebe esifundazweni iGauteng.

Kunezinsolo zokuthi uSibiya wafike waphazamisa uphenyo ngesikhathi efika lapho kwadutshulelwa khona uMeyiwa. Kepha uSibiya uthe akukho okuphambene nomthetho akwenza.

USibiya uthe yena wafika vele kukhona amanye amaphoyisa ayekade esefikile, wathi wafika sekusulwe ngisho igazi endaweni yesigameko.

USibiya uthe wafonelwa owayebambe njengoKhomishana wamaPhoyisa eGauteng ngaleso sikhathi, uLieutenant General Tebello Mosikili, emazisa ngokudutshulwa kukaMeyiwa.

"Ngangisekhaya, ngangingazi nokuthi uMeyiwa ubulewe. Ngafonelwa ngabo-11 ebusuku. UMeyiwa wadutshulwa ngabo-7. Uma ufonelwa ngodaba olunje kufanele ujube ithimba. Ngajuba ithimba. UMeyiwa wayengeyena umuntu ojwayelekile. Wayengunozinti weBafana Bafana."

USibiya uthe waqala esibhedlela ngaphambi kokuthi aye endlini lapho kwadutshulelwa khona uMeyiwa.

"Ngafika kugcwele inqwaba yabantu. Ngakhipha umyalelo wokuba kususwe abantu ngoba lena kwakuyindawo okwenzeke kuyo icala. Ngesikhathi ngifika kwase kusulwe ngisho igazi, akhona amaphoyisa engawafica khona."

USibiya uthe akazange abambe qhaza ophenyweni ngenxa yokuthi owayenguKhomishana wamaPhoyisa ngaleso sikhathi, uNkk Riah Phiyega, wamemezela ukuthi icala lizophenywa yithimba elikhethekile.

"Sabe sesihlehlake. Ngiyaye ngibone nje imibhalo ethi nganikezwa u-R1 million, abanye bathi ngagudluza isibhamu."

USibiya ukuphikile ukuthi uyiphoyisa elikhohlakele.

Uthe kukhona abafuna ukucekela phansi igama lakhe ngenxa yombango wesikhundla senhloko yoKlebe njengoba kusanda kushiya obephethe lesi sikhundla, uLieutenant General Godfrey Lebeya.

"Yonke le nto eyenzeka lapha umbango nje wezikhundla."

USibiya ugxeke ukuziphatha kukaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Uthe uMkhwanazi wenza izinto eziphambene nomthetho, wathi ukuba uyena owenza lezi zinto ezenziwa uMkhwanazi ngabe kade axoshwa esikhundleni.

"Alikho iphoyisa elivumeleke ukwenza le nto eyenziwa uMkhwanazi. Ukube imina owenza le nto ayenza, ngangoxoshwa ngalelo langa. Ngiyabona nje abantu bathi oyothinta uMkhwanazi kuyobe uthinte bona. Iqiniso ukuthi bahlohlwa umuntu owenza into ephambene nomthetho."

USibiya uthe uMkhwanazi ucasulwa ukuboshwa kwesikhulu sezinhloli, uLieutenant General Dumisani Khumalo. Kusasa ikomiti lizolalela ubufakazi bukaNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.