Kuhlonzwa izidumbu zabafa engozini yebhasi
Image: Sithunyelwe
Uhulumeni wesifundazwe saseLimpopo quale uhlelo lokuhlonzwa kwezidumbu zabantu abangu-43 abashone engozini yebhasi ngeSonto edolobheni laseMakhado. Bonke abashonile bangabaseZimbabwe naseMalawi, kanti kubikwa izihlobo eziningi selifikile ukuhlonza abashonile
Inqubo, phakathi kokunye, ibandakanya ukuthatha izithombe kanye nokusetshenziswa kohlelo lokuqinisekisa izigxivizo zeminwe.
Esitatimendeni sangoLwesithathu, okhulumela uhulumeni wesifundazwe, uMnuz Ndavhe Ramakuela ukuqinisekisile lokhu.
"Uhulumeni wesifundazwe saseLimpopo uqale inqubo yokuhlonza izidumbu ngokusebenzisa ulibofuzo ngengozi yebhasi i-N1 eMakhado, ikakhulukazi inqubo yokuhlonza amathambo," kusho yena.
Ibhasi, ebelisuka e-Eastern Cape liya eZimbabwe, lithwale abagibeli abangu-91 ngesikhathi liphuma entabeni iZoutpanesburg ngeSonto.
“Kulaba abebephakathi, abangu-43 bashonelwe, abangu-40 bathola usizo lwezempilo ezikhungweni zezempilo ezahlukene, kwathi abayisishiyagalombili bazikhulula,” kuqhubeka uMnuz Ramakuela.
Uhulumeni waseMalawi udlulise amazwi enduduzo ngabashone kweyebhasi
Image: X