Izindaba

Unoxhaka weSIU ebheke kuRudolf Mazibuko onukwa ngenkohlakalo yezigidi eTembisa

Nonkululeko Nhlapo|Published

Liyagawula izembe leSIU kwabakhwabanisa izizumbulu esibhedlela iTembisa

Image: IOL Graphics

Umbiko we-SIU wokugwamandwa kwesibhedlela iTembisa ubalule abantu noma amaqembu amathathu abencinza igazi lalesi sibhedlela.

  • UStefan Govindraju nomndeni wakhe baqoqe u-R450 Million ngokuphanga.
  • UHangwani Morgan Maumela kanye noCAT Matlala bathole imali engaphezu kuka-R337 Million.
  • URudolf Mazibuko nomndeni wakhe baqoqe u-R250 Million.

Namhlanje iSIU ithole incwadi yenkantolo egunyaza ukushaqwa kwempahla kaMazibuko elinganiselwa kuR2 billion ngokutapa kungafanele.

UMazibuko okubikwa ukuthi ulimpunyela edabuka elokishini laseTsakane, unomuzi eBrynston naseDubai, ngezansi uhla lwamabhizinisi akhe okuthiwa ayedla esibhedlela iTembisa.

Izinkampani zikaRudolf Mazibuko

Image: X

Umbiko we-SIU ngoMazibuko wokugwamandwa kwesibhedlela iTembisa

Image: SIU

Umbiko we-SIU wokugwamandwa kwesibhedlela iTembisa

Image: SIU