UZIMDOLLAR Biyela ucasulwe ngasebenza nabo ebhilidini
Image: SIGCINIWE
UMSAKAZI woKhozi FM, uZimiphi "Zimdollar" Biyela, uthukuthele uyaveva ngenxa kazakwabo omumise kabi lapho edayisela khona enkabeni yeTheku.
UZimdollar, osakaza uhlelo lwaphakathi nezinsuku ngokuhlanganyela noKing Sifiso iDankie 1223, uthe lapho edayisela khona kunentombazane emxhaphazayo. Echaza ngalolu daba uZimdollar uthe uqale ukusebenzela kuleli bhilidi nyakenye futhi wafica abesifazane bezichathela abantu.
"Angazi babechathana benzani. Ngafika ngazidayisela izinto ezahlukahlukene, ngaqala ngamaphinifa namaduku. Ngeza ngesaluni. Ngeza nazo zonke izinto ezingamakhambi ahlukahlukene."
Uthe wathi ebona kamakhelwane nabo basebedayisa izinto ezifana nezidayiswa wuZimdollar.
"Anginayo inkinga mina yokuthi badayisa izinto engizidayisayo. Inkinga wukuthi bakhangisa ngama-video ami. Bahlangabeza amakhasimende ami eliftini, bathi yikhona kwaZimdollar, bazibize ngoZimdollar. Bathathe amakhasimende ami."
Uthe okubi kakhulu wukuthi izimbangi zakhe zinezinto abangazidayisi.
"Umuntu uyafika athi unenkinga yezinso bamnikeze into yabo bathi nansi. Babuye banqabe ukubuyisela abantu imali yezinto abazithengile. Inkinga lana kwaZimdollar, yikwa-UKM. Uma ungamboni u-UKM, akusikho e-UKM."
Uthe akazi ukuthi yini inkinga yalaba bantu besifazane asebembangisa.
"Ngazama ukukhuluma naye lo sisi ekuqaleni, ngaze ngathi ngizombika kwabaphethe ebhilidini. Wavele wagijima wangimpimpa kuqala."
Uthe wabikela abaphathi ukuthi kunowesifazane omphuca amakhasimende akhe, awalande emaliftini.
Uthe akusabayo wukuthi uzosuke ayishaye le ntombazane, ngoba yena uyawagxoba amantombazane, bese ekhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
"Ngizoboshwa. Khona maduze nizozwa kuthiwa sengisezikhindini."
Ucele abantu ukuba bamkhulekise ngoba usekhathele wukukhuluma into eyodwa nembangi yakhe.
UZIMDOLLAR Biyela uthukuthele uyaveva ngabadla amandla akhe
Image: SIGCINIWE