Izindaba

Kulindeleke izinkumbi kuvela uJacinta enkantolo

Charles Khuzwayo|Published

UJACINTA Ngobese-Zuma weMarch and March

Image: Doctor Ngcobo

NAMHLANJE kulindeleke izinkumbi zabantu bakuleli ezingamalungu eMarch and March ne-Operation Dudula, ukuba zibhikishe ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseThekwini njengoba kuvela usaziwayo obengumsakazi weVuma FM neGagasi FM, uJacinta Ngobese-Zuma.

IKhomishini yamaLungelo aBantu kuleli ifake umsunguli womkhankaso obizwa ngeMarch and March uJacinta nabanye abaholi enkantolo ngenxa yezinsolo zokuvinjwa komunye umuntu wesifazane owayekhulelwe ukuba angaxilongwa esibhedlela saseThekwini ngenxa yokuthi ukuleli ngokungemthetho.

Abanye okuvela ukuthi babizelwe enkantolo yikhomishini, ngokwamaphepha abonwe yiSolezwe, uKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke, uKhomishana waMaphoyisa eKZN, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMphathiswa wamaPhoyisa eKZN, uKhomanda wamaPhoyisa esiteshini sasePoint, eThekwini, uNgqonqgoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, yiNhloko yasesibhedlela saseThekwini i-Addington, uNgqongqoshe woMnyango weziNdaba zaseKhaya, uTeresa Notje noXolani Zuma beMarch and March kanye namalungu e-Operation Dudula uNhlanhla Mqadi kaMngoma noScelo Mlaba. 

UJacinta, ongummangalelwa wesishiyagalolunye, ukuqinisekisile  ukuthi usebizelwe enkantolo ngenxa yomkhankaso wokuxosha kuleli abantu bangaphandle abangenazo izimvume. Ekhuluma kwi-eNCA uJacinta uthe kuyamxaka ukuthi angaboshwa yikhomishini ejutshelwe ukuvikela amalungelo abantu bakuleli ngoba ilwela abantu bangaphandle abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho.

Uthe kungamampunge ukuthi kuMthethosisekelo wakuleli kunesigatshana esithi wonke umuntu okuleli, onemvume nongenayo, unelungelo lokuthola usizo ezikhungweni zezempilo.

Eqhuba uthe abavimbi abantu ukuba bathole usizo lwezempilo kodwa abangahambisani nakho wukuthi kusuke noma wubani wangaphandle, ongenamvume yokuba kuleli, ayobanga isiminyaminya ezibhedlela nasemitholampilo.

Udalule ukuthi kunabantu bakuleli abaze babelethele ngaphandle kwemitholampilo ngenxa yokuthi kugcwele abantu abakuleli ngokungemthetho ezikhungweni zezempilo zakuleli.

Uthe abantu bangaphandle abavinjiwe ukuba baye kodokotela nasezikhungweni zezempilo ezizimele kodwa lapho bengadingeki khona yisezikhungweni zikahulumeni ngoba zikhokhelwa ngemali yabakhokhi bentela bakuleli. 

UJACINTA Ngobese-Zuma obizelwe eNkantolo eNkulu yaseThekwini namhlanje

Image: FACEBOOK

AMAPHEPHA anohlu lwababizelwe enkantolo

Image: FACEBOOK

UHLU lwababizelwe enkantolo noJacinta Ngobese Zuma

Image: FACEBOOK