Izindaba

Avelile amaphoyisa asolwa ngokugebenga ehamba ngeyomsebenzi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kuboshwe amaphoyisa amane eLimpopo ngecala lokugebenga

Image: SAPS

Amaphoyisa amane aseSifundazweni saseLimpopo, avele eNkantolo yeMantshi yaseMashishing ngoMsombuluko, kulandela ukuboshwa kwawo ngoLwesihlanu ngamacala okugqekeza. Lawa maphoyisa okunguSergeant Lesiba Lucky Shogole (40) noConstable Malesela Daniel Huma (34), bobabili abangaphansi kwePolokwane 10111 Flying Squad. UConstable Thapelo McDonald Ledwaba (34) osebenza eMahwelereng K9 Unit; kanye noConstable Nthabiseng Sarafina Senama (34) osebenza eLebowakgomo SAPS.

Laba baboshwa nomunye umsolwa ongelona iphoyisa mayelana nesigameko sokugebenga emzini oseLydenburg. Lesi sigameko senzeka ngesonto eledlule. Abasolwa kusolakala ukuthi bebesebenzisa imoto yakwaSAPS ebhalwe uphawu kanye neveni yohlobo lweToyota.

Amaphoyisa amane abhekene necala lokugebenga

Image: Saps

Umphathiswa wezokuPhepha, nokuXhumanisa uMphakathi eMpumalanga, uJackie Macie, uthe laba abane kumele babhekane nemiphumela egcwele uma betholakala benecala.

"Izinsolo ezibekwa zona zimbi futhi zimbi kakhulu. Asinayo indawo emaphoyiseni ezigebengwini. Sifuna amalungu aqotho nakhuthele azohlala ethembekile ekubizeni kwawo ngokuvikela imiphakathi nokubopha abasolwa ngobugebengu," kusho yena.

Unxuse uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) ukuthi luphenye kabanzi leli cala futhi luqinisekise ukuthi uma kukhona abanye abantu abathintekayo bayaboshwa ngokushesha. Uphinde wanxusa amadoda nabesifazane abasebenza ngokuzikhandla abagqoke izingubo eziluhlaza ukuthi bangadikibali ngezenzo zezinhlaka ezimbalwa, kodwa baqhubeke nokuvikela imiphakathi.