Izindaba

Ukhala ngokweqiwa yintuthuko umphakathi wepulazi eligaya imali eshisiwe

Zimbili Vilakazi|Published

Imali

Image: Pixabay

UKHALA ngokusala ngaphandle ezinhlelweni zentuthuko ngenxa yokwakhela ipulazi elinomsindo umphakathi wezigodi ezimbalwa ezingaphansi kobukhosi bakwaNdelu, eMthwalume.

Phakathi kwalezi zigodi kukhona esaseNyunyana, Fokiseni neBombo, kanti ubukhosi ezingaphansi kwabo buholwa yiNkosi Sifiso Shinga obuye abe wuSihlalo weNdlu yamaKhosi  KwaZulu-Natal. 

Lichaza kabanzi ngalokhu ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa, lithe lo mhlaba wawuthathwe ngendluzula koyisemkhulu ngeminyaka yawo-1913.

Lithe ngokuhamba kweminyaka, uShinga wahola umbhidlango wokuthi ipulazi libuyiselwe ebantwini, okwenzeke ngabo-2000, maqede labhaliswa ngaphansi kweNdelu Community Trust. 

Liveze ukuthi ithwele kanzima imindeni ephakathi kuka-150 kuya ku-200 elakhele njengoba iyizwa ngendaba intuthuko.

“Into esatholwe umphakathi amathoyilethi nogesi ngoba wona ufakwa ngemali. Enye intuthuko efana nezindlu zemixhaso, uyibukela kude, ezigodini ezingomakhelwane bepulazi,” kusho lo mthombo, othe ngisho namanzi ayivela kancane.

Umthombo uveze ukuthi okunye okubakhathazayo ukuthi kunanezindawo ezinamahlathi nomoba kuleli pulazi okukhiqiza itshe lemali.

“Njalo ngonyaka, kuhlala imihlangano lapho amalungu ebhodi le-trust enza izethulo zokuthi lenze malini. Sihlale sizwa ukuthi lenza imali ebalelwa ku-R2 million, esala njengenzuzo uma sekukhokhelwe zonke izindleko zokusebenza kwalo kwansuku zonke,” kusho wona.

Uthe lokhu kuwuphatha kabi umphakathi ngoba ukholelwa ukuthi kufanele engabe nawo uyahlomula kulesi samba.

“Esikuzwayo nje ukuthi le mali icebisa yona inkosi, umndeni wayo nabanye abasondelene nayo,” usho kanje. 

Uthe lokhu kusho ukuthi imindeni eyasayina ukuthi ibuyiselwe lo mhlaba yalwela ize leze, wathi umphakathi uke wazama ukulusukumela lolu daba kusukela eminyakeni emihlanu edlule. Uthe phakathi kwamahhovisi abaphathiswa kuwo; eloMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, elikaNdunankulu, elilawula ezamafa (Master of the High Court), eloMvikeli woMphakathi kanjalo nelamaLungelo aBantu. Uthe bebengakaze bakuthole ukusizakala.

“Sifuna ukuthi uMnyango wazokuThuthukiswa koMhlaba (Land Reform) ubuyekeze ukuthi ngobani abafanelwe ukuhlomula ngepulazi, ihhovisi lezamafa aliphenye nge-trust, lithole ukuthi ngobani abenza ubugebengu bese beyaboshwa futhi kubekwe umlawuli ozimele ukubheka ukusebenza kwe-trust, ozokhethwa ngendlela ezogculisa umphakathi,” usho kanje.

Ufanise okwehlela lo mphakathi njengokushawa ngempama ngapha nangapha njengoba ungahlomuli ngepulazi uphinde ungayitholi nanentuthuko.

Ikhansela lendawo, uMnuz Bhekani Mngoma, livumile ukuthi ezinye izingxenye zomphakathi othintekayo zingaphansi kwewadi yakhe.

UMngoma uthe nakuba elwazi udaba lomsindo wepulazi umphakathi okhuluma ngalo, ucela ukungandi kakhulu ngamazwi ngoba udaba oluthinta inkosi. 

“Angifuni ukutholakala ngingena ngigamanxa kulona ngoba anginalo ulwazi olugcwele lokuthi kwenzekani,” kusho uMngoma.

Nokho ukuvezile ukuthi kuyiqiniso ukuthi umsindo ngaleli pulazi uthikameza ukulethwa kwentuthuko emphakathini.

“Intuthuko esuke idingwa kakhulu umphakathi ohlwempu, izindlu zomxhaso. Sibhekene nenkinga-ke yokuthi uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu awuze ungafuna ukuletha lolu hlobo lwentuthuko endaweni esuke inomsindo ofuze lo,” kusho uMngoma.

Uthe umnyango usuke ubalekela ukulahlekelwa yimali ngokwakha imixhaso endaweni onobunikazi obungaqondakali. Ngalokho usuke ugwema ukuthi - ngelinye ilanga kuthiwa - uyidilizwe imixhaso, bese usizo lwawo lokuhlinzeka umphakathi ohlwempu ngendawo yokufihla ikhanda uphenduke ize leze. 

Ithintwa iNkosi Sifiso Shinga iveze ukuthi umndeni wayo usemanzini kulezi zinsuku, yathi badlulelwe umfowabo.

“Siluzwile lolo daba. Sithintwe wuMaster of the High Court, esibuza imibuzo ngalo. Ngizocela ukuthi niphinde ningithinte uma kudlula umsebenzi wokufihla umfowethu ukuze ngikwazi ukuphawula kahle ngalo,” kusho uShinga.