UNKSZ Aphile Khanyile, umnikazi weMaNgwane Ironing Service, ibhizinisi eliwusizo kumaZayoni
Image: SITHUNYELWE
UKUFIKA enyuvesi nyakenye ezofunda, kwenza ukuthi uNksz Aphile Khanyile wajoyina iqembu lekhwaya yamaZayoni i-Association for Tertiary Zion Students (ATEZS), lapho efike wahlangana khona nenqwaba yezitshudeni ezingamaZayoni, futhi wabona nentuba yebhizinisi elingaba wusizo kuzona.
Iqale kanjalo iMaNgwane Ironing Service, ibhizinisi likaNksz Khanyile (20) waseNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal, lokuwasha futhi a-ayine umfaniswano wamaZayoni, futhi enze lokhu okubizwa ngokuthi wukutasha - indlela yoku-ayina eyenza impahla ibukeke iyintsha.
Le ntokazi eyenza unyaka wesibili we-Diploma in Business and Information Management, futhi nayo ekhonza ebandleni lamaZayoni i-Unique Service Ministries, ithe okunye okwenze yabona intuba yokuqala leli bhizinisi wukuthi beyifuna ukusiza ozakwabo ukuthi bahlanzeke.
LIQONDA lithi thwi kanjena ijazi elidlule esandleni seMaNgwane Ironing Service
Image: SITHUNYELWE
"Bengibona ukuthi abanye ozakwethu bayanqena futhi ababi naso isikhathi sokuba nesineke sokuthi uma kuyiwa ezinkonzweni baqikelele ukuthi imifaniswano yabo iba minhle futhi ibe sesimeni esigculisayo, lokho kwenza ngabona ukuthi ngingakwazi ukubasiza ngokubenzela lokho ngibe ngizenzela inzuzo ngoba maningi kakhulu amaZayoni," kulanda uNksz Khanyile.
Eqhuba, uthe eqala wasebenzisa imali ebalelwa kuR1 500 kuphela njengoba kwakudingeka ukuthi athenge uhlobo lwe-ayina ebiza uR400 eshisa ngendlela afuna ngayo, i-ironing board ewuR250 namathawula awasebenzisela uku-ayinela phezu kwawo nokomisa ngawo uma etasha.
KUBA njena uma iMaNgwane Ironing Service isimatasa nomsebenzi wamakhasimende
Image: SITHUNYELWE
"Ngiqale kulo nyaka ngaboMashi ngenkathi sekusondela izikhathi zokulungiselela uMkhosi wePhasika, ngathola inqwaba yamakhasimende angisiza ukwenza imali engaphezu kukaR2 000, lokho kwangikhuthaza ukuba ngiqhubeke njengoba namanje ngisayibambile futhi senginamanye amakhasimende koMorningside, eMlazi naseThekwini namaphethelo," usho kanje.
Uthe uku-ayina kubiza kusuka kuR40 kuya kuR130 bese kuthi ukuwasha kuqale kuR20 kuya phezulu, kanti futhi udalule nokuthi leli wuhlobo lwebhizinisi abona linekusasa elihle namathuba okuchuma kulona ngenxa yobuningi bamaZayoni ezweni lonke jikelele.
"Nokho zihlale ziba khona izinselelo ngoba usebenza ngabantu ngenxa yokuthi abanye ababi naso isineke, bese futhi abanye bekuthatha kancane ngoba bebona ukuthi uyingane. Ngale kwalokho ngizimisele ukuqhubeka nalo msebenzi, ngigcine sengibambisana nabanye abawenzayo kwezinye izindawo ukuze silekelelane ukuya phambili," kusho uNksz Khanyile.
KUBA njena uma iMaNgwane Ironing Service isimatasa nomsebenzi wekhasimende
Image: SITHUNYELWE