Izindaba

IPinkdrive nomkhankaso ohlukile wokuqwashisa ngomdlavuza webele

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUBALULEKILE ukuhlolwa umdlavuza webele

Image: stefamerpik / Freepik

NJENGOBA u-Okthoba uyinyanga yokuqwashisa ngomdlavuza webele, abePinkdrive bashintshe umshovo ngendlela abafinyelela ngayo kubantu ngolwazi ngalesi sifo okubikwa ukuthi sigadla siphindelela ikakhulukazi kubantu besifazane abansundu abasebancane.

Ukuqwashisa ngomdlavuza wamabele kugxile ekufundiseni umphakathi ngezimpawu zalesi sifo, izici eziyingozi, nezindlela zokuzivikela. Izinyathelo ezibalulekile zokuqwashisa zihlanganisa ukuhlola ukuze umdlavuza utholwe kusenesikhathi, ukwenza ama-mammograms, ukunciphisa ubungozi ngokugcina isisindo sikahle, ukwenza ucwaningo noxhaso lwezokwelapha olungcono nokwesekwa kwesiguli. Inhloso yePinkdrive ngemikhankaso eyahlukene yokuqwashisa ngomdlavuza webele wukuzuza lokhu:

  • Ukutholwa kusenesikhathi: Ukuthola umdlavuza webele kusenesikhathi kuphucula  ukusebenza kahle kokwelashwa futhi kwandisa amathuba okusinda.
  • Ukucwaswa okuncishisiwe: Ukuxoxa ngokukhululekile ngomdlavuza webele kusiza ekwehliseni ukucwaswa okuhambisana nalesi sifo futhi kukhuthaza abantu ukuba bafune usizo.
  • Ukunikezwa amandla: Imfundo inika abantu amandla okuthatha izinqumo ezikahle ngempilo yabo futhi bathathe izinyathelo ezisheshayo zokwehlisa ubungozi baso.
  • Ukwesekwa okujulile: Imikhankaso iqwashisa ngokubaluleka kokweseka iziguli nabasindile futhi ixhase ucwaningo olubalulekile lokwelashwa okusha

NgoMgqibelo ekuseni, mhla ka-25 Okthoba, i-PinkDrive izoba ne-Hope Blooms High Tea eRadisson Blu, uMhlanga Conference Hall. Leli dili kuhloswe ngalo ukugubha intwasahlobo kanye nokuqoqwa kwemali ezosiza abahlaselwe yilo mdlavuza. I-Pinkdrive yinhlangano engenzi nzuzo esebenzisa imitholampilo engomahambanendlwana - ehambela izindawo zasemakhaya nasemalokishini ukuze bahlinzekwe ngokuhlolwa okubalulekile labo abantulayo noma abangakwazi ukufinyelela ezinsizeni zezempilo. Izibalo zakamuva zigqamisa isidingo esiphuthumayo sokungenelela nokuqwashisa ngalesi sifo. Esontweni elilodwa nje KwaZulu-Natal, kuhlinzekwa ngezinsiza zezempilo ezingu-2.251, okuhlanganisa nama-mammograms angu-146 kanye nokuhlolwa kwamabele kwabangu-141. Zonke izibalo zixoxa indaba kamama, indodakazi, noma udade impilo yakhe engashintsha ngokutholwa komdlavuza kusenesikhathi.