Izindaba

Okungajwayelekile ibandla liphenduka isibhedlela

Nkosikhona Cele|Published

UMFU Nhlanhla Khambule ongumholi weHouse of Christ

Image: SITHUNYELWE

LIZOKWENZA okungajwayelekile ibandla labasindisiwe eliseMgungundlovu, iHouse of Christ (HOC), njengoba lizofaka imibhede esakhiweni salo ebese kulethwa iziguli zelashwe ngaphakathi kulesi sakhiwo.

Lokhu kudalulwe yiloyo ongumholi walo leli bandla, uMfu Nhlanhla Khambule, obuye futhi abe ngusihlalo wesikhondlakhondla senkampani i-Edinvest.

UKhambule uthe lokhu kuzokwenzeka ngo-Okthoba 25 no-Okthoba 26. Uthe lokhu bakwenza ngoba bayibandla elikholelwa kakhulu ukuthi akumele kugcine ngokushunyayelwa nje kuphela kodwa kumele kubuye kulekelelwe nenyama yomuntu uqobo.

Uveze ukuthi lolu hlelo balwenza ngokubambisana nodokotela abehlukene kanjalo nabahlengikazi.

"Sikhethe ukuba sisebenzisane nodokotela abavela ezibhedlela ezahlukene kanjalo nabahlengikazi abavela ezibhedlela ezahlukene,'' echaza.

Uthe bonke labo bazobe besebenza bhusende, bengabheke nkokhelo. Ugcizelele kakhulu ukuba ibandla likaNkulunkulu libhukule lenze isiqiniseko esikhulu sokuthi iyanakekelwa inyama.

''Kuyinto emqoka kakhulu ukubona ibandla likaNkulunkulu kuba khona elikwenzayo mayelana nezempilo,''echaza.

Uthe kulezi zinsuku kuzobe kubhekwa izifo ezihlupha abantu besilisa, abantu besifazane izingane nabantu abadala.

''Sibone ukuthi senze isiqiniseko sokuthi bonke abantu bayakuthola ukwelashwa ngendlela efanelekile,'' usho kanjena.

Uthe bafisa ukuthi lolu hlelo kukhulunywe ukuthi luba khona minyaka yonke. ''Kungasijabulisa kakhulu uma lolu hlelo kungase kukhulunywe eyokuthi luba yinto eyenzeka minyaka yonke,'' usho kanje.

Uthe kuleli bandla ezempilo nezeMfundo kubekwa eqhulwini ngaso sonke isikhathi. ''Ezemfundo nazo siye senze isiqiniseko sokuthi siyazikhuthaza kakhulu lapha ebandleni. Siyakholelwa ekutheni ibandla likaNkulunkulu kumele kube khona elikwenzayo uma kukhulunywa ngodaba lwezemfundo."